Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 15:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwami oyakuvutha kini.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Ngiyakukwenza ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba kuphenjwe umlilo olakeni lwami; uyakunishisa.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Futhi ngiyokudabula kanye nezitha zakho ngiye ezweni ongalazi, ngoba umlilo ovuthayo ngentukuthelo yami oyovutha phezu kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 15:14
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uyakubenza babe njengesithando somlilo, nxa ubonakalisa ubuso bakho; uJehova uyakubagwinya ngentukuthelo yakhe, umlilo uyakubaqeda.


Wayesethela phezu kwakhe ukufutheka kwentukuthelo yakhe, namandla empi; kwamvuthela nxazonke, kepha akakwazanga; kwamshisa, kepha akakubekanga enhliziyweni yakhe.


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.


ngalokho ngiyakunizwiba nisuke kuleli zwe, niye ezweni eningalaziyo, nina nawoyihlo; niyakukhonza khona abanye onkulunkulu imini nobusuku, ngokuba angiyikuniphatha ngesihe.’


Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona, ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”


Zisokeleni kuJehova, nisuse amajwabu ezinhliziyo zenu nina bantu bakwaJuda nabakhileyo eJerusalema, funa ukufutheka kwami kuphume njengomlilo, kuvuthe, kungabikho ongakucima, ngenxa yobubi bezenzo zenu.


Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.


Ngiyakunenza ukuba nithunjelwe ngaphesheya kweDamaseku,” usho uJehova ogama lakhe linguNkulunkulu Sebawoti.


“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.


“UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


“UJehova uyakukuhlakazela phakathi kwabantu bonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye uhlangothi lomhlaba, ukhonze lapho abanye onkulunkulu ongabaziyo, wena nawoyihlo, imithi namatshe.


nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe;


Ngokuba umlilo uphenjiwe entukuthelweni yami; uyasha kuze kube sendaweni yabafileyo engaphansi, uqede umhlaba nezithelo zawo, wokhele izisekelo zezintaba.


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ