Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 14:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Jehova, siyazi ububi bethu nokona kwawobaba, ngokuba sonile kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Simakade, siyabazi ububi bethu nokona kokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Siyabuvuma, Jehova, ububi bethu nobubi bawobaba, ngokuba sonile kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 14:20
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi kuNathani: “Ngonile kuJehova.” UNathani wathi kuDavide: “NoJehova ususile isono sakho; awuyikufa.


UDavide wahlabeka enhliziyweni emva kokuba esebabalile abantu. UDavide wathi kuJehova: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”


Inzalo ka-Israyeli yayizahlukanisa nabezizwe bonke, yayimi ivuma izono zayo nokona kwawoyise.


Usehlabelela phambi kwabantu, uthi: ‘Ngonile, ngahlanekezela ukulunga, kepha akwenziwanga kimi njengokufaneleyo:


Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,” wena wathethelela icala lesono sami. Sela*


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


Yazi kuphela ububi bakho ukuthi uphambukile kuJehova uNkulunkulu wakho, wazihlakaza izindlela zakho kubo abezizwe phansi kwayo yonke imithi eluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” usho uJehova.


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


“Sihlalelani na? Buthanani, singene emizini ebiyelweyo, sibhubhe khona, ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile, wasiphuzisa amanzi enyongo, ngokuba sonile kuJehova.


“Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.


Siphambukile, sahlubuka; wena awukuyekelanga.


Obaba bona abasekho; thina sithwala ububi babo.


“Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.


Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ