Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 14:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Ngabe uJuda usumlahle impela na? Umphefumulo wakho usunengiwe yini iZiyoni na? Usishayeleni size singabi nakuphiliswa na? Besibheke ukuthula, kodwa akukho okuhle; nesikhathi sokusindiswa, kodwa luvalo lodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Umlahlile ngokuphelele uJuda? umphefumulo wakho wawuzonda iSiyoni na? usishayeleni, singekho ukuphulukiswa na? besilindele ukuthula, kepha akukho okuhle; nesikhathi sokuphulukiswa, futhi bheka, usizi!

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 14:19
26 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba usilahlile nokusilahla, wasithukuthelela kakhulu.


Silindela ukuthula, kepha okuhle akukho, nesikhathi sokuphulukiswa, kepha bheka, luvalo.


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


Bayakuthiwa isiliva elilahlwayo, ngokuba uJehova ubalahlile.”


Akakho omela icala lakho ukuba uboshwe; umuthi wokuphilisa awunawo.


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


Ifa lami likimi njengengonyama ehlathini; lingiphumisele izwi; ngalokho ngiyalizonda.


UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela, wamlahla impela u-Israyeli.


Lapho ngabheka okuhle, kwafika okubi; ngalindela ukukhanya, kwafika ubumnyama.


Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.


Ngingafakaza ngokuthini ngawe, ngikufanise nani, ndodakazi yaseSiyoni, na? Ngingakulinganisa nani ukuba ngikududuze, ntombi eyindodakazi yaseSiyoni na? Ngokuba ukuchitheka kwakho kukhulu njengolwandle. Ngubani ongakuphulukisa na?


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na? Inyanga ayikho lapho na? Pho, ayipheleliswa ngani impilo yendodakazi yabantu bami na?


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


Kepha usumlahlile, wamala, wamthukuthelela ogcotshiweyo wakho.


kepha baziklolodela izithunywa zikaNkulunkulu, bawadelela amazwi akhe, babaphatha kabi abaprofethi bakhe, yaze yavuka intukuthelo kaJehova ngabantu bakhe, kwaze kwangabakho ukwelashwa.


“Ngiyishiyile indlu yami, ngililahlile ifa lami, nginikele othandiweyo womphefumulo wami esandleni sezitha zakhe.


Ngokuba abakhe eMaroti banemihelo ngokuhle, lokhu okubi kwehlile kuvela kuJehova, kwafika esangweni laseJerusalema.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


“Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Ukulimala kwakho akunakuphulukiswa, nesilonda sakho sinzima.


Ngokuba o-Israyeli noJuda abashiywanga nguNkulunkulu wabo, uJehova Sebawoti, noma izwe labo ligcwele icala koNgcwele ka-Israyeli.


“Wabiza njengasosukwini lomhlangano izesabiso zami nxazonke; akubangakho ngosuku lwentukuthelo kaJehova owasindayo nowasalayo. Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ