Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 14:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Abantu abaphrofetha kubo bayakuphonswa emigwaqweni eJerusalema ngenxa yendlala nenkemba. Akuyukuba bikho muntu oyobangcwaba, bona nomkabo, namadodana namadodakazi abo, ngiyakuthela okubi phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Futhi abantu abaprofetha ngabo bayolahlwa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; futhi abayikubangcwaba, bona, omkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngoba ngizathululela ububi babo phezu kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 14:16
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho bayakudla izithelo zendlela yabo, basuthe ngamacebo abo.


Amadodana akho adangele, alala ezihlokweni zezitaladi zonke, njengewula esihibeni; agcwele ukufutheka kukaJehova nokukhuza kukaNkulunkulu wakho.


Ngokuba abahola laba bantu bayabadukisa, nabaholwa yibo bayagwinywa.


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.


Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”


‘Ngokuba angibathumanga,’ usho uJehova; ‘baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.’ ”


“Ukuhamba kwakho nezenzo zakho kukwenzele lokhu; lokhu kuyingozi yakho ngokuba imunyu; ifinyelele enhliziyweni yakho.”


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa.


“ ‘Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo,


baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi.


Yebo, zwanini izwi likaJehova nina besifazane, izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe, nifundise amadodakazi enu ukukhala, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.


Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle, nanjengesithonto emva komvuni, kungekho okubuthayo.’ ”


“ ‘Bayakwahlukanisa njalo abantu abayakudabula izwe, bembele ababedabula besasele ebusweni bomhlaba, baze balihlambulule; bayakucinga ngasekugcineni kwezinyanga eziyisikhombisa.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Umkakho uyakufeba emzini, namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba, nezwe liyakudatshulwa ngentambo; wena uyakufela ezweni elingcolileyo, u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”


Bayekeni; bangabaholi abayizimpumputhe; kepha nxa impumputhe ihola impumputhe, ziyakuyela emgodini zombili.”


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ