Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 14:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 Bayakuzila ukudla, kodwa angiyukuzwa ukunxusa kwabo; bayakunikela ngomnikelo wokushiswa nangowokusanhlamvu; angiyukuthokoza ngabo, kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, ngendlala, nangobhubhane.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Uma bezila ukudla, angiyikuzwa ukukhala kwabo; futhi uma beletha umnikelo wokushiswa nomnikelo womlilo, angiyikujabulisa kubo; kodwa ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 14:12
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu uyakuzwa ukukhala kwakhe, lapho ehlelwa lusizi, na?


“Khona bayakungibiza, kepha angiyikuphendula; bayakungifunisisa, kepha abayikungifumana


Umhlatshelo wababi uyisinengiso kuJehova, kepha umkhuleko wabaqotho uyintokozo yakhe.


Umhlatshelo wababi uyisinengiso; kakhulu kangakanani uma ulethwa ngomgomo omubi.


Ophendula indlebe yakhe ekuzweni umthetho, nomkhuleko wakhe uyisinengiso.


Bathi: ‘Sizileleni ukudla, ungaboni, na?’ ‘Sizihlupheleni izinhliziyo zethu, ungakwazi, na?’ “Bhekani, ngosuku lokuzila kwenu niyaqhuba umsebenzi, nicindezele zonke izisebenzi zenu.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa.


“Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


“Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”


Ngiyakubashaya abakhileyo kulo muzi, abantu nezilwane; bayakufa ngesifo esikhulu.


Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”


“Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.


Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


“ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova, ‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini, namakhiwane emkhiwaneni; namaqabunga abunile; engibanikile khona kusukile kubo.’ ”


Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”


“Nokuba bengiyakuthuma isifo kulelo zwe, ngithele ukufutheka kwami phezu kwalo ngegazi ukuba nginqume kulo abantu nezilwane,


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Kakhulu kangakanani, lapho ngithuma eJerusalema izahlulelo zami ezine ezimbi, inkemba, nendlala, nezilwane ezesabekayo, nesifo ukuba nginqume kulo abantu nezilwane, na?


Ngalokho ngiyakusebenza ngokufutheka; iso lami aliyikubahawukela, ngingabi nabubele; noma bememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, angiyikubezwa.”


Bayakuhamba nezimvu zabo nezinkomo zabo ukuyofuna uJehova; kepha abayikumfumana; umonyukile kubo.


“Ngiyayizonda, ngiyayidelela imikhosi yenu, angenameli imihlangano yenu.


Khona bayakukhala kuJehova, kepha akayikubaphendula; uyakusitheza ubuso bakhe kubo ngaleso sikhathi ngenxa yokwenza kwabo izenzo zabo zibe zimbi.


“ ‘Kwathi njengalokho wamemeza, bona bengezwanga, kanjalo,’ usho uJehova Sebawoti, ‘bayakumemeza bona, ngingezwa mina.


“Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu.


“Ngokwesibili niyakwenza nalokhu: nisibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu.


Ngase ngibona, bheka, nanto ihhashi elimpofu nohlezi phezu kwalo, igama lakhe lalingukuFa, neHayidese* lalandelana naye; base benikwa amandla phezu kokwesine komhlaba ukuba babulale ngenkemba, nangendlala, nangokufa, nangezilwane zomhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ