Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 13:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Uma uthi enhliziyweni yakho: Ngehlelelweni yilezi zinto na? Ngobukhulu bokona kwakho imiphetho yakho iphakanyisiwe, nezithende zakho ziyadlovulwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Uyakuthi enhliziyweni yakho: “Zingehleleleni lezi zinto na?” Ngobukhulu bokona kwakho, isidwaba sakho siphenyiwe, nomzimba wakho wahlukunyezwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Futhi uma uthi enhliziyweni yakho: Kungani lezi zinto zingehlela na? Ngokuba ubukhulu bobubi bakho izambatho zakho zambuliwe, nezithende zakho zambulwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 13:22
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

kanjalo inkosi yase-Asiriya iyakumukisa abathunjwa baseGibithe nabaxoshiweyo baseKushe, abasha nabadala, behamba ze, bengafakile nazicathulo, izinqe zabo zihlubuliwe, kube yihlazo laseGibithe.


ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni, uJehova awanqunise.”


“Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo, ohlala ulondekile, othi enhliziweni yakho: Yimi, akakho omunye; angiyikuhlalisa okomfelokazi, nokufelwa abantwana angiyikukwazi.


Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, kubonakale ihlazo lakho.


Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.


Kuyakuthi lapho nisho nithi: ‘UJehova uNkulunkulu wenu wenzeleni kithi konke lokhu na?’ usho kubo ukuthi: ‘Njengalokho ningishiyile, nakhonza onkulunkulu babezizwe ezweni lakini, kanjalo niyakukhonza abezizwe ezweni elingesilo elenu.’


IJerusalema lalonile kakhulu; ngalokho seliyisinengiso; bonke ababelidumisa sebelidelela ngokuba bebone ubunqunu balo; seliyabubula nalo, libuyela emuva.


Bayakukuhlubula izingubo zakho, basuse izivunulo zakho ezinhle.


U-Efrayimi uthi: “Impela ngicebile, ngithole imfuyo; kukho konke ukuzuza kwami abayikufumana bubi obuyisono.”


Sengiyakwambula ihlazo lakhe emehlweni ezithandwa zakhe; akuyikubakho omophula esandleni sami.


funa ngimhlubule abe nqunu, ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe, ngimenze ihlane, ngimbeke abe njengezwe elomileyo, ngimbulale ngokoma.


Ngokuba unina ufebile, ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zami ezinginika isinkwa sami namanzi ami, uboya bami bezimvu nefilakisi* lami, amafutha ami nokuphuza kwami.’


“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, ngibonise izizwe ubunqunu bakho, nemibuso ihlazo lakho.


Kuyakuthi ngaleso sikhathi ngicwaninge iJerusalema ngezibani, ngihambele abantu abajiyile enhleseni yabo, abathi ezinhliziyweni zabo: UJehova akenzi okuhle, akenzi nokubi.


“Uma uthi enhliziyweni yakho: ‘Singalazi kanjani izwi uJehova angalikhulumanga na?’


“Uma uyakuthi enhliziyweni yakho: ‘Lezi zizwe ziningi kunami; ngingazixosha kanjani?’


uze uthi enhliziyweni yakho: ‘Amandla ami nezikhwepha zesandla sami kunginike le mfuyo.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ