Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 13:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangane bakho, babe yinhloko, na? Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangani bakho, babe ngumholi na? Awuyukukhungathwa yini yimihelo njengowesifazane obelethayo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Uzakuthini nxa ekujezisa? ngokuba nibafundisile ukuba babe ngababusi nababusi phezu kwenu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 13:21
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Ahazi wathuma izithunywa kuThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya ngokuthi: “Mina ngiyinceku yakho nendodana yakho: yenyuka, ungisindise esandleni senkosi yase-Aramu nasesandleni senkosi yakwa-Israyeli angivukelayo.”


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu, bazibinya njengababelethayo. Babhekana omunye nomunye bemangala. Ubuso babo bungubuso bamalangabi.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.


Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wathi: ‘Kuyize; cha, ngithandile abafokazi, ngiyakubalandela.’


Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!


Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?


Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile, bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakhe zishone exhaphozini, babuyele emuva.’


Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na? Noma wembatha okubomvu, noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide, noma ugqaba amehlo akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifuna ukukubulala.


Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni eheheza, ezelula izandla zayo, ithi: “Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.”


Imizi inqotshiwe, nezinqaba zithathiwe; izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Sizwile imibiko yalokho: izandla zethu ziyadangala; usizi lusibambile, imihelo njengeyobelethayo.


Usasho phambi kokubulalayo ukuthi: “Ngingunkulunkulu mina,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, esandleni sokugwazayo, na?


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ