Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 13:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo, engakalihlwisi, futhi zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwelela, nothi nisabheka ukukhanya, akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Mnikeni uSimakade uNkulunkulu wenu udumo, engakabulethi ubumnyama, zingakakhubeki izinyawo zenu ezintabeni zokuhwalala, niyokuthi nisabheke ukukhanya akuphendule ithunzi lokufa, akwenze kube yisigayegaye sobumnyama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Mnikeni inkazimulo uJehova uNkulunkulu wenu, ngaphambi kokuba enze ubumnyama, futhi ngaphambi kokuba izinyawo zenu zikhubeke ezintabeni zobumnyama, futhi lapho nifuna ukukhanya, yena akuphendule ithunzi lokufa akwenze kube mnyama.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 13:16
36 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ubumnyama nethunzi lokufa maluphiwe khona, kuhlale ifu phezu kwalo; okwenza mnyama usuku makulwesabise.


Babehlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa beboshiwe osizini nasensimbini,


Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.


Mnikeni uJehova udumo lwegama lakhe, nikhuleke kuJehova emvunulweni engcwele.


uze usiphahlaze endaweni yezimpungushe, usimboze ngethunzi lokufa.


UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.”


Indlela yababi injengobumnyama; abazi ukuthi bakhubeka ngani.


Noma umuntu ekhona iminyaka eminingi, makathokoze ngayo yonke, akhumbule nokho nezinsuku zobumnyama ukuthi njengokuba ziziningi, konke okufikayo kuyize.


Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.


Siphuthaza udonga njengempumputhe, yebo, siphumputha njengabangenamehlo; sikhubeka emini njengasekuhweleleni; phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.


Ngalokho ukwahlulela kukude nathi, nokulunga akusifumani; sihlalela ukukhanya, kepha bheka, ubumnyama; silindela imini, kepha sihamba ekuhlweni.


Ngokuba bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.


Bayakubheka nasemhlabeni; bheka, nakho ukuhlupheka, nobumnyama, nokuhwelela kosizi; yebo, bayakuxoshelwa esigayegayeni.


Umlahlile nokumlahla uJuda na? Umphefumulo wakho unengiwe yiSiyoni na? Usishayeleni, singabi nakuphulukiswa, na? Sihlalela ukuthula, kepha okuhle akukho; nesikhathi sokuphulukiswa, kepha luvalo.


Abashongo ukuthi: ‘Uphi uJehova owasikhuphula ezweni laseGibithe, wasihola ehlane ezweni lezingwadule nelemigodi, ezweni elomileyo nelethunzi lokufa, ezweni elingadatshulwa muntu, nalapho kungahlali muntu khona, na?’


“Ngalokho indlela yabo iyakuba yizindawo ezibushelelezi; bayakusunduzwa ebumnyameni, bawe kubo, ngokuba ngiyakubehlisela okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.


Ngabuka umhlaba; bheka, wawuyize, wawungenalutho, nezulu lalingenakukhanya.


“Abantu bami babe yizimvu ezilahlekileyo; abelusi babo babadukisile, babazulazulisa ezintabeni, basuka entabeni, baya egqumeni, bakhohlwa indawo yabo yokuphumula.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, ngiyakubekela laba bantu izikhubekiso, oyise namadodana bakhubeke kanyekanye kuzo, umakhelwane abhubhe kanye nomngane wakhe.”


Silindela ukuthula, kepha okuhle akukho, nesikhathi sokuphulukiswa, kepha bheka, luvalo.


Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.


Ukuba izinhliziyo zabo ziphele amandla, nezikhubekiso zabo zande, ngiyakubeka inkemba ekhazimulayo kuwo onke amasango abo; awu, yenziwe njengonyazi, ihoshelwe ukubulala!


Njengomalusi efuna umhlambi wakhe mhla ephakathi kwezimvu zakhe ezilahlekileyo, kanjalo ngiyakufuna izimvu zami, ngizophule kuzo zonke izindawo ezihlakazekele kuzo ngosuku lwamafu nolobumnyama.


Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe, ungasathwali amahloni abantu, ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.’ ”


usuku lobumnyama nolwesigayegaye, usuku lwamafu nolobumnyama obukhulu, njengokusa kwenekwe ezintabeni, abantu abaningi abanamandla abangazange babe ngabanjalo kwasendulo, nabangasoze baba ngabanjalo emva kwabo kuze kube naseminyakeni yezizukulwane ngezizukulwane.


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Wo kinina enifisa usuku lukaJehova! Luyakunisizani usuku lukaJehova? Lungubumnyama, alusikho ukukhanya.


Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.


Wayesethi kubo uJesu: “Kuseyisikhashana ukukhanya kukhona kini. Hambani nise nokukhanya, ukuze ubumnyama bunganehleli. Ohamba ebumnyameni akazi ukuthi uya ngaphi.


UJoshuwa wayesethi ku-Akani: “Ndodana yami, ake umnike uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli inkazimulo, uvume kuye, ungitshele okwenzileyo, ungangifihleli.”


netshe lokuqhuzula, nedwala lokukhubekisa; baqhuzuka bengalaleli izwi, okuyikhona bekumiselweyo;


Niyakwenza imifanekiso yamathumba enu nemifanekiso yamagundane enu alonayo izwe, nimnike uNkulunkulu ka-Israyeli udumo; mhlawumbe uyakusenza lula isandla sakhe phezu kwenu, naphezu kwawonkulunkulu benu, naphezu kwezwe lakini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ