Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 13:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Uyokuthi kubo: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: Bheka, ngizakuzigcwalisa ngokudakwa, zonke izakhamuzi zakuleli lizwe; amakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, abaphristi, abaphrofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Uzakuthi kibo: Itsho njalo i Nkosi: Khangela, ngizagcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kulelilizwe, amakhosi ahlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavida, labapristi, labaprofethi, labo bonke abakhileyo eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 13:13
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isizwe sakho usibonisile izinto ezinzima; usiphuzisile iwayini, sabhuyazela.


Ngokuba esandleni seNkosi kukhona isitsha; iwayini liyakhephuza; sigcwele ngeliqungiweyo, yona iyathulula ngaso; impela bonke ababi emhlabeni bayakuyimunca inhleze yalo, bayiphuze.


Zimangaliseni, nimangale; ziphuphuthiseni, niphuphutheke; badakiwe, kepha kungengewayini, bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.


Ngiyakudlisa abacindezeli bakho inyama yabo, badakwe yigazi labo njengangewayini elimnandi; inyama yonke iyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.”


Vuka, vuka, usukume wena Jerusalema ophuzile esandleni sikaJehova indebe yokufutheka kwakhe; uphuzile isitsha sendebe yokutengezela, wasiminya.


Ngalokho ake uzwe lokhu wena ohluphekayo nodakiweyo, kungengewayini kodwa;


Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami, ngabachoboza ngokufutheka kwami, ngathululela phansi igazi labo.”


“Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’


“Uyakusho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Phuzani, nidakwe, nihlanze, niwe, ningabe nisasukuma ngenxa yenkemba engiyakuyithuma phakathi kwenu.’


Ngokuba bheka, ngiyaqala ukwenza okubi emzini obizwe ngegama lami; nina beniyakuba ngabangenacala na? Aniyikuba ngabangenacala, ngokuba ngiyakubiza bonke abakhileyo emhlabeni beze enkembeni, usho uJehova Sebawoti.’


Ngiyakudakisa izikhulu zalo nezihlakaniphi zalo, nezinduna zalo, nababusi balo, namaqhawe alo; bayakulala ubuthongo obuphakade, bangavuki,” isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.


IBabele beliyindebe yegolide esandleni sikaJehova eyadakisa umhlaba wonke; izizwe zaliphuza iwayini lalo, ngalokho izizwe ziyahlanya.


Uyakusuthiswa ngehlazo esikhundleni senkazimulo, uphuze nawe, wambule ijwabu, indebe yesandla sokunene sikaJehova siphendulelwe kuwe, kube yihlazo phezu kodumo lwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ