Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 12:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, nabo bamemeza kakhulu emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo bakhohlisile; yebo, babiza isixuku emva kwakho; ningabakholwa, noma bekhuluma amazwi amahle kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 12:6
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abafowethu bambuluzile njengomfula, njengemithonjana yemifula eshayo,


Bakhuluma amanga, kwaba yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; ngezindebe ezithophayo bakhuluma nganhliziyombili.


UJehova uyakunquma zonke izindebe ezithophayo, ulimi olukhuluma amazwi amakhulu,


Sengaba ngumfokazi kubafowethu, nowezizwe kubantwana bakamame.


Umthamo owudlileyo uyakuwuhlanza, uchithe amazwi akho amnandi.


Lapho enza izwi lakhe libe mnandi, ungakholwa nguye, ngokuba kukhona izinengiso eziyisikhombisa enhliziyweni yakhe.


Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi: “Njengengonyama ebhongayo, ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo, lapho abelusi abaningi belibizelwe, aliyikwesaba izwi labo, lingazithobi ngomsindo wabo, kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.


Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


“Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’


Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”


Sengathi nga nginendawo yokulala kwezihambi ehlane ukuba ngishiye abantu bami, ngisuke kubo, ngokuba bangabaphingi bonke, umhlangano wabakhohlisi.


“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga, abaqinelanga iqiniso ezweni; kepha basuka kokubi, baya kokubi; mina-ke abangazi,” usho uJehova.


“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe, ningethembi nakumfowenu, ngokuba abafowenu bonke bayaqinela, nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.


Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe, abakhulumi iqiniso; bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga, bazikhathaza ngokwenza okubi.


“Kepha umuntu uyakukhaphela umfowabo ekufeni, noyise umntanakhe; abantwana bayakuvukela abazali babo, bababulale.


Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.


Isixuku sase sibavukela, nezinduna zayala ukuba bahlutshulwe izingubo, bashaywe ngenduku;


Kwathi uGaliyu engumbusi wase-Akhaya, abaJuda bamvukela uPawulu nganhliziyonye, bamyisa phambi kwesihlalo sokwahlulela,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ