Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 12:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Abelusi abaningi basichithile isivini sami, basinyathele phansi isabelo sami, benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 Abelusi abaningi basicekele phansi isivini sami, basinyathela isabelo sami, ifa lami elinxanelekayo balenze ihlane eliyincithakalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Abelusi abaningi basichithile isivini sami, balinyathele phansi izwe lami, benzé izwe lami elimnandi laba ihlane eliyincithakalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 12:10
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehova uyakungena ekwahluleleni namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi: “Yinina eniqedile isivini, impango yabampofu isezindlini zenu.


Ngidumazile izikhulu zendlu engcwele, ngimenzile uJakobe abe yisiqalekiso, no-Israyeli abe yisithuko.


Abantu bakho abangcwele balidla ifa isikhashana nje; izitha zethu zinyathele phansi indlu yakho engcwele.


“Wo kubo abelusi abachitha, bazihlakaze izimvu zedlelo lami!” usho uJehova.


nezibaya ezithuleyo ziqediwe ngenxa yokufutheka kolaka oluvuthayo lukaJehova.


Uwushiyile umphandu wakhe njengengonyama, ngokuba izwe labo seliyincithakalo ngenxa yokufutheka kwenkemba ecindezelayo nangenxa yokufutheka kolaka lwalo.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


“Mina bengithi: “ ‘Ngiyakukubeka kanjani phakathi kwabantwana, ngikuphe izwe elinxanelekayo, ifa elihle kakhulu ezizweni!’ Ngathi: Niyakungibiza ngokuthi ‘Baba’, ningabuyi ekungilandeleni.


kwangena zonke izikhulu zenkosi yaseBabele, zahlala esangweni eliphakathi, oNerigali Sareseri, noSamigari Nebo, noSaresekimi induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, kanye nazo zonke ezinye izikhulu zenkosi yaseBabele.


Abelusi bayakufika kuyo benemihlambi yabo, bamise amatende abo ngakuyo nxazonke, baluse, kube yilowo nalowo endaweni yakhe.”


Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila, namadlelo asehlane ukulilisela, ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo, kungezwakali ukukhonya kwezinkomo; izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.


“Ndodana yomuntu, profetha ngabelusi bakwa-Israyeli; profetha uthi kubo, kubelusi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wo kubelusi bakwa-Israyeli abazibonelela bona! Abelusi bebengayikuzalusa izimvu na?


Zazihlakazekile, ngokuba umalusi wayengekho; zaba ngukudla kwazo zonke izilwane zasendle, zahlakazeka.


Ngase ngizwa ongcwele ekhuluma, nomunye ongcwele wathi kulowo owakhuluma: “Uyakuba khona kuze kube nini lo mbono womnikelo oshiswa imihla yonke, nesiphambeko esichithayo sokuba kukhashelwe indlu engcwele nempi, kunyathelwe phansi, na?”


Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”


Ngakho kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuba ningazindli ngaphambili eniyakuziphendulela ngakho;


Kepha igceke elingaphandle kwethempeli ulishiye ngaphandle, ungalilinganisi, ngokuba linikwe izizwe, nomuzi ongcwele ziyakuwunyathela phansi izinyanga ezingamashumi amane nambili.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ