Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 11:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 engayala ngaso okhokho benu mhla ngibakhipha eGibhithe, esithandweni sensimbi, athi: “Yizwani izwi lami, nikwenze konke lokho enginiyala ngakho, niyoba ngabantu bami, Mina ngibe nguNkulunkulu wenu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Engayala ngakho oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, esithandweni sensimbi, ngathi: Lalelani izwi lami, nenze njengokuniyala kwami; kanjalo niyakuba yisizwe sami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 11:4
39 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”


Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi,


Ngokuba wabambelela kuJehova, akasukanga ekumlandeleni, kepha wagcina imiyalo yakhe uJehova ayala ngayo uMose.


kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.


Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu. Badabula izwe losizi nelokuhlupheka, lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi, ibululu nenyoka endizayo, bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolo nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela bakuyise kubantu abangenansizakalo.


Bheka, ngikucwengisisile, kungavelanga isiliva kodwa; ngikuvivinyile esithandweni sezinhlupheko.


Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.”


Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.


“ ‘Niyakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu.’ ”


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni samaKaledi nasesandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, awuthathe.


Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile.


ukuba bahambe ngezimiso zami, bagcine izahlulelo zami, bazenze, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.


ukuze indlu yakwa-Israyeli ingabe isaduka kimi, ingabe isazingcolisa ngeziphambeko zayo zonke, kepha ibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, isho iNkosi uJehova.’ ”


Niyakuhlala ezweni engalinika oyihlo, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu.


Abasayikuzingcolisa ngezithombe zabo, nangokuzondekayo kwabo, nangesisodwa seziphambeko zabo, kepha ngiyakubasindisa kukho konke ukuhlehla kwabo abone ngakho, ngibahlambulule, baze babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo.


Itabernakele* lami liyakuba phezu kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.


Wayesesondela uNebukadinesari emnyango wesithando somlilo ovuthayo; wakhuluma wathi: “Shadiraki, Meshaki, no-Abedi Nego, nina zinceku zikaNkulunkulu oPhezukonke, phumani nize lapha.” Base bephuma oShadiraki, noMeshaki, no-Abedi Nego phakathi komlilo.


Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami.


“ ‘Uma nihamba ngezimiso zami, nigcine imiyalo yami, niyenze,


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


Abakude bayakufika, bakhe ithempeli likaJehova, nazi ukuthi nguJehova Sebawoti ongithumile kini. Kuyakwenzeka, uma nilalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wenu.”


ngibahambise, bakhe phakathi kweJerusalema, babe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo ngeqiniso nangokulunga.”


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


isibusiso, uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla,


Kepha uJehova wakuthatha, wakukhipha esithandweni sensimbi, iGibithe, ube ngabantu befa kuye njenganamuhla.


“ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo,


USamuweli wathi: “UJehova uyenamela yini iminikelo yokushiswa nemihlatshelo, njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na? Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo, nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ