Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 11:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 nensali ayiyikuba khona kubo, ngokuba ngiyakubehlisela abantu base-Anathoti okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

23 akuyukuba bikho nsali kubo, ngokuba ngiyakubehlisela inhlekelele abantu base-Anathothi, ngonyaka wokujeziswa kwabo.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Kakuyikuba khona insali kubo, ngokuba ngiyakwehlisela okubi phezu kwabantu base-Anathoti, umnyaka wokuhanjelwa kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 11:23
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi: “Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo, simnqume ezweni labaphilayo, igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”


“Ngalokho indlela yabo iyakuba yizindawo ezibushelelezi; bayakusunduzwa ebumnyameni, bawe kubo, ngokuba ngiyakubehlisela okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo,” usho uJehova.


Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe.


Abaqashwa balo phakathi kwalo banjengamathole akhuluphalisiweyo; nabo babuyele emuva, babaleka kanyekanye, abemanga, ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.


“Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini, okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni, ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo, phezu kukaMowabi, umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


Angiyikubahambela ngalokho na?” usho uJehova. “Umphefumulo wami awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakuyikhothoza nokuyikhothoza insali yakwa-Israyeli njengomvini; buyisela isandla sakho emaqomeni njengobutha izithelo zomvini.”


Bayakuba namahloni, ngokuba benza izinengiso; nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi; ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo, ngesikhathi sokubahambela kwami bayakukhubeka, usho uJehova.


Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa, izinsuku zempindiselo zisondele; u-Israyeli uyakukwazi. Umprofethi uyakuba njengesiwula, umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakho nangobutha obukhulu;


Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo, indlu kaJosefa ibe yilangabi, indlu ka-Esawu ibe ngamabibi, bawashise, bawaqede; akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,” ngokuba uJehova ukhulumile.


Omuhle wabo unjengobobe, olungileyo mubi kunothango lwameva; usuku lwabalindi bakho nolokuhanjelwa kwakho lufikile; sekuyakuba ngukukhungatheka kubo.


zikuwise phansi, wena nabantwana abakuwe, zingashiyi itshe phezu kwetshe phakathi kwakho, ngokuba ungasazanga isikhathi sokuhanjelwa kwakho.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ