Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 10:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 nezingcwecwe zesiliva ezilethwe zivela eTharishishi negolide lase-Ofiri, umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi, kugqokiswe okuluhlaza nokububende, kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 nesiliva elicangcathiweyo elilethwa lisuka eTharishishi, negolide lase-Ufazi, kungumsebenzi wezandla zomcangcathi; kugqokiswe okuluhlaza nokubukhwebezane, konke kungumsebenzi wezingcweti.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Isiliva elinezingcwephe lilethwa livela eTharishishi, negolide lase-Ufazi, umsebenzi wengcweti nowezandla zomkhandi; izingubo zabo ziluhlaza nokububende; konke kungumsebenzi wamadoda anobuqili.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 10:9
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba inkosi yayinemikhumbi yaseTharishishi elwandle kanye nemikhumbi kaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.*


Ngokuba inkosi yayinemikhumbi eyaya eTharishishi kanye nezinceku zikaHiramu; kanye ngeminyaka emithathu yafika imikhumbi yaseTharishishi iletha igolide, nesiliva, nezimpondo zendlovu, nezimfene, namapikoko.*


Izithombe zabo ziyisiliva negolide, umsebenzi wezandla zomuntu.


Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.


Welani niye eTharishishi; klewulani nina enakhileyo ngasogwini.


Yisithombe yini esibunjiwe yisisebenzi, sanamekwa ngegolide ngumkhandi, sancibilikiselwa amaketanga esiliva, na?


“ ‘ITharishishi lalingumthengi wakho ngenxa yobuningi bayo yonke ingcebo yakho; benana impahla yakho ngesiliva nangensimbi nangethini* nangomthofu.


Ilineni elicolekileyo elifekethisiweyo elivela eGibithe lalinguseyili* wakho, laze laba yibhanela* kuwe; isimbozo sakho sasiluhlaza sibubende, sivela eziqhingini zase-Elisha.


ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.


Ngokuba livela ku-Israyeli; umkhandi walenza, alisiye uNkulunkulu; yebo, ithole laseSamariya liyakuba yizihlephu.


Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ