Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 10:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi; uyathwalwa nokuthwalwa, ngokuba awuhambi. Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi, nokuhle awunakukwenza.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Njengesichuse ensimini yamakhukhamba, awukhulumi, impela uyathwalwa; ngokuba awuzihambeli. Ungawesabi, ngokuba awukwazi ukukulimaza, futhi awukwazi ukwenza okuhle.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Baqotho njengesundu, kodwa abakhulumi; kumele zithwalwe ngoba azikwazi ukuhamba. Ningabesabi; ngokuba abakwazi ukwenza okubi, akukho kubo ukwenza okuhle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 10:5
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayithatha inkunzi abayinikwayo, bayilungisa, balibiza igama likaBali kwasekuseni kwaze kwaba semini ngokuthi: “Bali, siphenduleni;” kepha akubangakho zwi, nophendulayo wayengekho. Baxhuma ngase-altare ebelenziwe.


Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Amasiya, wathuma umprofethi kuye owathi kuye: “Ufuneleni onkulunkulu babantu abangophulanga abantu babo esandleni sakho na?”


Kuyakuthi lapho uMowabi esebonakala, azikhathaze endaweni ephakemeyo, aye endlini yakhe engcwele ukuba athandaze, angaphumeleli.


“Buthanani nize, nisondelane ndawonye nina bakhululekileyo bezizwe; abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi, bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.


UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama; izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo; enibathweleyo bangumthwalo, banzima ezilwaneni eziyethileyo.


Bamthwala ehlombe, bametshathe, bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona, angabe esasuka endaweni yakhe; kepha uma umuntu ekhala kuye, akayikumphendula, angamsindisi osizini lwakhe.


Bonke abantu bayiziphukuphuku, abanakwazi; bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo, ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga, nomoya awukho kuzo.


Wo koshoyo kumuthi ukuthi: ‘Vuka!’ nakulo itshe eliyisimungulu: ‘Phaphama!’ Lokhu kungafundisa na? Bheka, kunamekwe ngegolide nangesiliva, kungekho neze umoya phakathi kwakho.


Niyazi ukuthi nisengabezizwe naholekela kuzo izithombe eziyizimungulu, nakuba naholwa kanjalo.


Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela.


Lapho niyakukhonza onkulunkulu, umsebenzi wezandla zabantu, imithi namatshe, abangaboni, abangezwa, abangahogeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ