Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 10:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Thulula ukufutheka kwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda, balichitha ikhaya lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Thululela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo, naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho, ngokuba bamdlile uJakobe; yebo, bamdlile bamqeda nya, balenza incithakalo ikhaya lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Thela ukufutheka kwakho phezu kwezizwe ongazaziyo, nasezizukulwaneni ezingalibizi igama lakho; ngokuba bamdlile uJakobe, bamshwabadela, bamshwabadela, benza ikhaya lakhe laba yihlane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 10:25
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Impela zinjalo izindlu zaboni; injalo indawo engamazi uNkulunkulu.”


Abaqondi lutho yini bonke abenza okubi, abadla abantu bami, njengokuba bedla isinkwa, bangakhuleki kuJehova, na?


Akenzanga njalo kwesinye isizwe nesisodwa: izahlulelo zakhe asizazi. Haleluya!


Ekusondeleni kwababi ukuba badle inyama yami abamelene nami nezitha zami bayakhubeka, bawe.


Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho; intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.


“Kepha awungibizanga, Jakobe, ngokuba wadinwa yimi, Israyeli.


Kwakungekho owalibiza igama lakho, owazivusela ukubambelela kuwe, ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi, wasiqeda ngenxa yobubi bethu.


i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa, nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana, nabakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.


“U-Israyeli uyimvu ezingelwayo; izingonyama zimxoshile. Kuqala wadliwa yinkosi yase-Asiriya, nangasemuva uNebukadinesari lo, inkosi yaseBabele, ugedlile amathambo akhe.”


Bonke ababafumanayo babaqeda; abamelene nabo bathi: ‘Asitholi icala; ngokuba bonile kuJehova, ikhaya lokulunga, ithemba lawoyise, uJehova.’


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”


“Wabiza njengasosukwini lomhlangano izesabiso zami nxazonke; akubangakho ngosuku lwentukuthelo kaJehova owasindayo nowasalayo. Labo engangibaphathile, ngabondla, izitha zami zibaqedile.”


nababuyile ekumlandeleni uJehova, nabangamfunanga uJehova bengabuzanga ngaye.


Ngalokho, ngilindeleni,” usho uJehova, “kuze kube lusuku engivuka ngalo ukuba ngiphange, ngokuba kuyisinqumo sami ukubutha izizwe ukuba ngiqoqe imibuso, ukuze ngithulule phezu kwabo intukuthelo yami, lonke ulaka lwami oluvuthayo, ngokuba wonke umhlaba uyakudliwa ngumlilo womhawu wami.


Ngentukuthelo enkulu ngiyathukuthelela izizwe ezizinzileyo, ngokuba lapho ngithukuthele kancane nje, zandisa okubi.’


“Baba olungileyo, izwe kalikwazanga, kepha mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.


Ngokuba kwathi ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ne-altare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWAYO. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho engikumemezela kini.


Phaphamani ngokufaneleyo, ningoni; ngokuba abanye kabamazi uNkulunkulu; ngisho lokhu ukuba nibe namahloni.


kungabi ngokushisa kwenkanuko njengabezizwe abangamazi uNkulunkulu


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ethempelini, lithi kuzo izingelosi eziyisikhombisa: “Hambani nithululele emhlabeni izitsha eziyisikhombisa zolaka lukaNkulunkulu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ