Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 10:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Maye kimi ngenxa yokulimala kwami! Isilonda sami sibi. Kepha mina ngithi: “Impela lokhu yisifo, ngizosibekezelela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Maye kimi ngenxa yobuhlungu bami! isilonda sami sibuhlungu, kepha ngathi: Impela buhlungu, ngimelwe ukubuthwala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 10:19
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyathula, angivuli umlomo wami; ngokuba nguwe okwenzileyo.


Ngase ngithi: “Yilokhu ukuhlupheka kwami, ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”


Ngiyakumlindela uJehova ositheza ubuso bakhe kuyo indlu kaJakobe, ngethembe kuye.


“Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi: “ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku, zinganqamuki, ngokuba intombi, indodakazi yabantu bami, ilimele ngokulimala okukhulu, ngokushaywa okunzima kakhulu.


Noma izono zethu zifakaza ngathi, sebenza, Jehova, ngenxa yegama lakho; ngokuba ukuhlehla kwethu kuningi, sonile kuwe.


O, themba lika-Israyeli, Jehova, bonke abakushiyayo bayakujabha; abachezuka kimi bayakulotshwa emhlabathini, ngokuba bamshiyile uJehova, umthombo wamanzi aphilayo.


Zibilini zami, zibilini zami, nginobuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ikhala phakathi kwami, anginakuthula, ngokuba ulizwile, mphefumulo wami, izwi lecilongo, ukuhlatshwa komkhosi wempi.


Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni eheheza, ezelula izandla zayo, ithi: “Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.”


Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele; ngidabukile, ukumangala kungibambile.


Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi, namehlo ami umthombo wezinyembezi ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami imini nobusuku.


Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.


Iso lami liyamululeka imifula yamanzi ngenxa yokuchithwa kwendodakazi yabantu bami.


Ngiyakuthwala ulaka lukaJehova, ngokuba ngonile kuye, aze amele indaba yami, angenzele ukwahlulelwa, angiphumisele ekukhanyeni, ngibone ukulunga kwakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ