Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 1:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Labuye lafika nangesikhathi sokubusa kukaJehoyakimu, indodana kaJosiya inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka we-11 wokubusa kukaZedekiya, indodana kaJosiya kwaJuda, kwaze kwaba ngukuthunjwa kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lafika futhi emihleni kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekupheleni konyaka weshumi nanye kaSedekiya, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kwaze kwaba sekuthunjweni kweJerusalema etilongweni. Ngenyanga yesihlanu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 1:3
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UFaro Nekho wambeka u-Eliyakimi indodana kaJosiya inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi, kepha wamsusa uJehowahazi, waze waya eGibithe, wafela khona.


Inkosi yaseBabele yambeka uMathaniya, uyisekazi, inkosi esikhundleni sakhe, yaguqula igama lakhe laba nguSedekiya.


Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo, lathi:


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lathi:


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.


ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga umuzi wafohlwa


“Khuluma kubo bonke abantu bezwe nakubo abapristi, uthi: ‘Ekuzileni kwenu nasekulileni ngenyanga yesihlanu nangeyesikhombisa le minyaka engamashumi ayisikhombisa nangizilela nokungizilela mina na?


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa, nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ