Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 9:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni, inophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Kwase kufika amadoda ayisithupha evela ngendlela esesangweni elingenhla, elibheke enyakatho. Yileyo naleyo ndoda iphethe ngesandla sayo isikhali sokubhubhisa, enye kuwo yembethe ilineni, kunophondo lukayinki womlobi okhalo lwayo. Angena, ayesema eceleni kwe-althare lethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Bheka, kwavela amadoda ayisithupha endleleni eya esangweni eliphezulu elingasenyakatho, kwaba yilowo nalowo ephethe isikhali sokulwa esandleni sakhe; kwakukhona indoda ethile phakathi kwabo yembethe ilineni, inophondo lombhali eceleni kwayo; bangena, bema e-altare lethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 9:2
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.


Wakha iSango Lasenhla lendlu kaJehova; nasogangeni lwase-Ofeli wakha okuningi.


Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.


Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngokuba bheka, ngiyakubiza yonke imindeni yemibuso yasenyakatho,” usho uJehova. “Iyakufika, yilowo nalowo ubeke isihlalo sawo sobukhosi ezikhaleni zamasango aseJerusalema, nakuzo zonke izingange zalo nxazonke, nakuyo yonke imizi yakwaJuda.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Izikhulu zakwaJuda zazizwa lezo zinto, zakhuphuka endlini yenkosi, zaya endlini kaJehova, zahlala esikhaleni sesango elisha lendlu kaJehova.


Misani ibhanela* elibheka ngaseSiyoni, nibaleke ningemi, ngokuba ngiyakuletha okubi kuvele ngasenyakatho nokubhujiswa okukhulu.”


Wakhuluma kuyo indoda eyembethe ilineni, wathi: “Ngena phakathi kwamasondo ayingilizayo phansi kwekherubi, ugcwalise izandla zakho zombili ngamalahle omlilo ophakathi kwamakherubi, uwahlakaze phezu komuzi.” Yangena phambi kwamehlo ami.


Wayeselula kungathi isandla, wangibamba ngesihluthu sekhanda lami; uMoya wangiphakamisa phakathi komhlaba nezulu, wangiyisa ngemibono kaNkulunkulu eJerusalema esivalweni sesango legceke elingaphakathi elibheke ngasenyakatho, lapho kwakukhona isihlalo sesithombe somhawu, esibanga umhawu.


Bheka, indoda eyembethe ilineni, inophondo lukayinki* ngasokhalweni lwayo, yabuyisa izwi, yathi: “Ngenzile njengokungiyala kwakho.”


Inkazimulo kaNkulunkulu ka-Israyeli yayenyukile ekherubini* eyayiphezu kwalo, yaya embundwini wendlu, wayibiza indoda eyembethe ilineni, eyayinophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo.


ngaphakamisa amehlo ami, ngabona; bheka, nango umuntu embethe ilineni, ebhince okhalweni igolide elicwengekileyo lase-Ufazi.


Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: “Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?”


embathe ibhantshi elingcwele lelineni, abe nebhulukwe lelineni emzimbeni wakhe, abhince ibhande* lelineni, afake isigqoko selineni; lezi ziyizambatho ezingcwele; uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi, azembathe.


Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.


kwaphuma ethempelini izingelosi eziyisikhombisa ezinezinhlupho eziyisikhombisa, zembethe ingubo yelineni ehlanzekileyo nekhazimulayo, zizibophe ezifubeni ngamabhande* egolide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ