Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 7:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Iso lami aliyikuhawukela, ngingabi nabubele, ngehlisele phezu kwakho njengezindlela zakho, izinengiso zakho zibe phakathi kwakho, nazi ukuthi mina Jehova ngiyashaya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Iso lami aliyukukubheka ngesihawu, angiyukuba naluzwelo; ngiyakuphindisela kuwe ngokwezindlela zakho, izinengiso zakho ziyokuba phakathi kwakho; niyakukwazi ukuthi Mina Simakade ngiyashaya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Iso lami aliyikuhawukela, futhi angiyikuba nesihe; ngiyakukubuyisela ngokwezindlela zakho nezinengiso zakho eziphakathi kwakho; niyakwazi ukuthi nginguJehova oshayayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 7:9
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu ababuyelanga nokho kobashayileyo, futhi abamfunanga uJehova Sebawoti.


Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Ngiyakumjezisa yena nenzalo yakhe nezinceku zakhe ngokona kwabo, ngehlisele phezu kwabo, naphezu kwabakhileyo eJerusalema, naphezu kwabantu bakwaJuda konke okubi engikukhulume ngabo, bengalalelanga kodwa.’ ”


UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.


Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”


Bayakwehlisela ukukhanuka kwenu phezu kwenu, nithwale izono zezithombe zenu, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.”


Ngalokho, kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, ngokuba uyingcolisile indlu yami engcwele ngakho konke okuzondekayo kwakho nangazo zonke izinengiso zakho, ngalokho ngiyakukunciphisa impela, iso lami lingahawukeli, ngingabi nabubele.


“Bhekani usuku! Bhekani luyeza, sekuphezu kwakho; induku iyaqhakaza; ukuzidla kuyahluma.


Manje sengiyakuthulula masinyane ukufutheka kwami phezu kwakho, ngifeze intukuthelo yami kuwe, ngikwahlulele njengezindlela zakho, ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.


Izwi likaJehova liyamemeza kuwo umuzi. Ukwesaba igama lakho ngukusindiswa; zwanini induku noyimisileyo.


Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna.


Nolwandle lwakhipha abafileyo ababekulo, nokufa neHayidese* kwakhipha abafileyo ababekukho, bahlulelwa yilowo nalowo njengokwemisebenzi yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ