Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 7:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Sekufikile kuwe ohlala ezweni; isikhathi sesifikile, usuku lusondele, olokukhathazeka, kungesilo olokujabula ezintabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ukubhujiswa sekufikile kuwe sakhamuzi sezwe, isikhathi sesifikile, usuku lokudideka lusondele; akukho kukhamuluka ngenjabulo ezintabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ukusa sekufikile kini, nina enihlala ezweni; isikhathi sesifikile, usuku lwenhlupheko luseduze, akusilo umsindo wezintaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 7:7
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”


Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini.


Izimpungushe ziyakukhala ezinqabeni zalo, namakhanka ezindlini zamakhosi; siseduze ukufika isikhathi salo, nezinsuku zalo aziyikwandiswa.


Ukuthokoza kususiwe kanye nokujabula ensimini; nasezivinini akuhlatshelelwa, akujatshulwa; abanyathelayo abalinyatheli iwayini ezikhamweni; ngenze ukuba kuphele ukumemeza.


Ngesikhathi sokuhlwa, bheka, yingebhe; kungakasi azisekho. Yilesi esiyisabelo sabasiphangayo, nenkatho yabasamukayo.


Ngokuba kulusuku lokukhathazeka, nolokunyathelwa phansi, nolokukhungatheka, oluvela eNkosini uJehova Sebawoti esiGodini Sombono kanye nokudilizwa kwezingange nokumemeza ezintabeni.


Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.


Hlabani zonke izinkunzi zalo; mazehlele ekuhlatshweni; wo kuzona! Ngokuba usuku lwazo lufikile, isikhathi sokuhanjelwa kwazo.


“Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Akusayikulitshaziswa zwi, kepha izwi engiyakulikhuluma liyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.’ ”


Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaJehova luseduze; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.


Isikhathi sesifikile, usuku lusondele; umthengi makangathokozi, nomthengisi makangalili, ngokuba ukufutheka kuphezu kwaso sonke isixuku sabo.


Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.


Ngokuba bheka, owabumba izintaba, nowawudala umoya, otshela umuntu umqondo wakhe, owenza ukusa kube ngubumnyama, onyathela ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, igama lakhe linguJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


Ngokuba sekuyisikhathi sokuba ukwahlulela kuqale endlini kaNkulunkulu; kepha uma kuthathela kithina, kuyakuba yini ukuphela kwabangalaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ