Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 7:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova kulo izwe lakwa-Israyeli, ithi: Ukuphela! Ukuphela kufikile emagumbini omane ezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uSimakade ezweni lakwa-Israyeli, ithi: ‘Ukuphela! Ukuphela sekufikile emagumbini omane ezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Nawe, ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova ezweni lakwa-Israyeli; Ukuphela, ukuphela sekufikile emagumbini omane ezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 7:2
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.


Wawadiliza ama-altare, waphula o-Ashera* nezithombe ezibaziweyo kwaba luthuli, wawanquma onke ama-altare empepho ezweni lonke lakwa-Israyeli, wabuyela eJerusalema.


Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’ Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho, awukhumbulanga ukugcina kwazo.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


Wena ohlala ngasemanzini amakhulu, nonengcebo eningi, sekufikile ukugcina kwakho, isilinganiso sokuhaha kwakho.


Ukungcola kwalo kwakusemaphethelweni alo, alikhumbulanga ukuphela kwalo; lehlile ngokumangalisayo, alinamduduzi. Bheka, Jehova, ukuhlupheka kwami, ngokuba isitha sizikhulisile.


Bazingela izinyathelo zethu ukuba singahambi ezigcawini zethu. Ukugcina kwethu kuseduze, izinsuku zethu zigcwele, yebo, ukugcina kwethu kufikile.


Kwathi lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngase ngiwa ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “O Nkosi Jehova, uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?”


“Ndodana yomuntu, siyini leso saga eninaso ezweni lakwa-Israyeli sokuthi: ‘Izinsuku ziyajobeleleka, nayo yonke imibono iphuthile,’ na?


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho liconsele ngasezindaweni ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli,


“ ‘Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi,


Ngenxa yokuba ngiyakunquma kuwe abalungileyo nababi, ngalokho inkemba yami iyakuphuma emgodleni wayo, iphumele inyama yonke kusukela eningizimu kuye enyakatho.


Kuyakuthi lapho besho kuwe ukuthi: ‘Ububulelani wena na?’ uthi: ‘Ngenxa yombiko, ngokuba lapho ufika, izinhliziyo zonke ziyakuphela amandla, izandla zonke zidangale, kuhlwe emimoyeni yonke, amadolo onke abe buthakathaka njengamanzi.’ Bheka, kuyeza, futhi kuyakwenzeka, isho iNkosi uJehova.”


“ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi,


Ngemibono kaNkulunkulu wangiyisa ezweni lakwa-Israyeli, wangibeka entabeni ephakeme kakhulu, okwakuphezu kwayo kungathi isakhiwo somuzi ngaseningizimu.


Ukuphela sekuphezu kwakho; ngiyakuthuma ukufutheka kwami, ngikwahlulele njengezindlela zakho, ngehlisele phezu kwakho zonke izinengiso zakho.


Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”


Yathi: “Amose, ubonani na?” Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.” Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.


Niyakuzwa izimpi namahemuhemu ezimpi. Bhekani ningethuki, ngokuba kumelwe ukuba kwenzeke, kepha ukuphela koba kungakafiki.


Wayesethi: ‘Ngiyakubafihlela ubuso bami, ngibone ukugcina kwabo ukuthi kuyakuba yini; ngokuba bayisizwe esiphambeneyo, abantwana okungekho kubo ukukholwa.


Kepha ukuphela kwezinto zonke sekusondele. Ngakho zikhuzeni, nizithibe, ukuze nikhuleke;


aphumele ukudukisa izizwe ezisemagumbini omane omhlaba, oGogi noMagogi, azibuthele ekulweni ezimumo wazo ungangesihlabathi solwandle.


Emva kwalokho ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibamba imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, naselwandle, nakowodwa umuthi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ