Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu, ugalele ngenkemba nxazonke zayo, nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni, ngihoshe inkemba emva kwazo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Ingxenye yokuthathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, lapho seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa; uyothatha ingxenye yokuthathu elandelayo, uyigalele ngenkemba nxazonke; kuthi ingxenye yokuthathu yokugcina, uyihlakaze emoyeni. Mina ngizohosha inkemba emva kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kumelwe uyishise ngomlilo ingxenye yesithathu phakathi komuzi, lapho izinsuku zokuvinjezelwa seziphelile; uthathe ingxenye yesithathu, uyishaye ngommese, nengxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 5:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibi adlula ngomoya wasehlane.


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Siyakuphuma siyephi na?’ usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Abokufa, mabaye ekufeni, nabenkemba, enkembeni, nabendlala, endlaleni, nabokuthunjwa, ekuthunjweni.’


Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila, nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela;


ngomnyaka weshumi nanye kaSedekiya ngenyanga yesine ngolwesishiyagalolunye lwenyanga umuzi wafohlwa


Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo.


Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”


Bonke abasizungezayo ukusisiza namaviyo aso ngiyakubahlakazela kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.


Bonke ababalekayo bakhe kuwo onke amaviyo akhe bayakuwa ngenkemba, nabaseleyo bayakuhlakazelwa kuyo imimoya yonke, nazi ukuthi mina Jehova ngikukhulumile.


Ngalokho oyise bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, abantwana badle oyise, ngenze izahlulelo phakathi kwakho, ngihlakaze kuyo yonke imimoya yonke insali yakho.


Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.


Uyakuthatha khona eziyingcosana, uzibophele emiphethweni yengubo yakho.


Nina-ke ngiyakunihlakazela ezizweni, ngihoshe inkemba emva kwenu, izwe lakini libe yincithakalo, nemizi yenu ibe yizwekufa.


Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo, ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale, ngibeke amehlo ami kubo kube kubi, kungabi kuhle.”


Kuyakuthi ezweni lonke,” usho uJehova, “kunqunywe izinxenye ezimbili kulo, zibhubhe, kusale eyesithathu kulo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ