UHezekeli 48:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE9 “Umnikelo eniyakunikela ngawo kuJehova uyakuba yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, ububanzi bube yizinkulungwane eziyishumi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20209 “Umnikelo eniyakunikela ngawo kuSimakade uyakuba ngamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, ububanzi bube ngayizi-10 000. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20249 Umnikelo womlilo oyowuletha kuJehova kumelwe ube yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo.
“Ngasemkhawulweni wakwaJuda, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, kuyakuba ngumnikelo eniyakunikela ngawo, ububanzi bube yizingalo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu, ubude bube njengesinye sezabelo, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, indlu engcwele ibe phakathi naso.