UHezekeli 45:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE5 Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngezamaLevi, izikhonzi zendlu, zibe yifa lawo lemizi ukuhlala kuyo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။IsiZulu 20205 Esinye isiqinti sendawo esingamakhubhithi ayizi-25 000 ubude, nayizi-10 000 ububanzi, siyakuba yindawo yabaLevi abakhonza ethempelini, sibe yindawo enemizi abahlala kuyo. အခန်းကိုကြည့်ပါ။Contemporary Zulu Bible 20245 Izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude nezinkulungwane eziyishumi ububanzi ziyakuba ngamaLevi, izinceku zendlu, kube yifa lawo amakamelo angamashumi amabili. အခန်းကိုကြည့်ပါ။ |
Nanku umnikelo ongcwele: owabapristi uyakuba yizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ngasenyakatho, nangasentshonalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangasempumalanga izinkulungwane eziyishumi ububanzi, nangaseningizimu izinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu ubude, indlu engcwele kaJehova ibe phakathi nawo.