Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 41:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Wayesengingenisa ethempelini, wakala izinsika ngayinye, ububanzi babungamakhubhithi ayisithupha ngapha nangapha, yilobo-ke ububanzi bezinsika, zethabanakeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika: ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha nezingalo eziyisithupha ububanzi ngalapha, yibo ububanzi betabernakele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 41:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngomnyaka wamakhulu amane namashumi ayisishiyagalombili emva kokuphuma kwabantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe, ngomnyaka wesine wokubusa kukaSolomoni phezu kwabakwa-Israyeli, ngenyanga kaZivi eyinyanga yesibili, waqala ukwakha indlu kaJehova.


Indlu inkosi uSolomoni eyayakhela uJehova, ubude bayo babuyizingalo ezingamashumi ayisithupha, nobubanzi bayo babungezingamashumi amabili, nokuphakama kwayo kwakuyizingalo ezingamashumi amathathu.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphandle; bheka, lapho kwakukhona amakamelo nendawo egandayiweyo eyenzelwe igceke nxazonke; kwakukhona amakamelo angamashumi amathathu endaweni egandayiweyo.


Wayeselinganisa umpheme wesango: yizingalo eziyisishiyagalombili; nezinsika zalo: yizingalo ezimbili; umpheme wesango wawungasendlini.


Ithempeli-ke, izinsika zomnyango zazinezinhlangothi ezine, nobuso bendawo engcwelengcwele, isimo sabo sasinjengesimo sethempeli.


Ithempeli nendawo engcwelengcwele kwakunezivalo ezimbili.


Wayesengena phakathi, walinganisa izinsika zomnyango: yizingalo ezimbili; nomnyango: yizingalo eziyisithupha; nobubanzi bomnyango: yizingalo eziyisikhombisa.


Wayesengiphumisela egcekeni elingaphandle ngasenyakatho, wangingenisa ekamelweni elibhekene nendawo eyahlukanisiweyo, elimalungana nesakhiwo ngasenyakatho,


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo,


Onqobayo ngiyakumenza abe yinsika ethempelini likaNkulunkulu wami, futhi akasoze aphuma khona; ngiyakuloba negama likaNkulunkulu wami phezu akhe, negama lomuzi kaNkulunkulu wami, iJerusalema elisha elehla ezulwini kuNkulunkulu wami, negama lami elisha.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ