Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 40:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye, nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawuluhlanga lunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga olulodwa, nobubanzi balo buluhlanga olulodwa; okwakuphakathi kwamakamelo kwakungamakhubhithi ayisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini nawo wawuluhlanga olulodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ikamelo ngalinye laliwumhlanga owodwa ubude nobubanzi bomhlanga munye; phakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango evarandeni yesango ngaphakathi wawuluhlanga lunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 40:7
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu,


ngokuba abalindi abane abakhulu ababe ngamaLevi babe sesikhundleni njalo, bephethe amakamelo nengcebo endlini kaNkulunkulu.


Isisindo sezipikili sasingamashekeli* angamashumi ayisihlanu egolide. Amakamelo angaphezulu wawanameka ngegolide.


Wayesesho uHezekiya ukuba kulungiswe amakamelo endlini kaJehova; bawalungisa-ke.


Lindani, nikugcine, nize nikulinganise ngaphambi kwezikhulu zabapristi nezamaLevi nezikhulu zawoyise bakwa-Israyeli eJerusalema emakamelweni endlu kaJehova.”


ngabangenisa endlini kaJehova ekamelweni lamadodana kaHanani indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu owayeseceleni kwekamelo lezikhulu elaliphezu kwekamelo likaMahaseya indodana kaShalumi, umlindisango.


Amakamelo abalindi asesangweni ngasempumalanga ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha, eyisilinganiso sinye; nezinsika zaziyisilinganiso sinye ngalapha nangalapha.


Amakamelo alo abalindi ayemathathu ngalapha, emathathu nangalapha; izinsika zalo nemengamo yalo kwakunjengesilinganiso sesango sokuqala; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.


Amakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo kwakunjengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo nxazonke; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.


namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla; kwakukhona amafasitele kulo nakuyo imengamo yalo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.


namakamelo alo abalindi, nezinsika zalo, nemengamo yalo; kwakukhona amafasitele kulo nxazonke; ubude babuyizingalo ezingamashumi ayisihlanu, nobubanzi buyizingalo ezingamashumi amabili nanhlanu.


Walinganisa nompheme wesango ngasendlini: luhlanga lunye.


Amakamelo aphezulu ayemafushane, ngokuba imipheme yanciphisa kulawa kunakwaphansi naphakathi esakhiweni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ