Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 40:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezinyathelo zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga lunye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Wayeseya esangweni elalibheke empumalanga, wakhuphuka ngezitebhisi zalo, walinganisa umbundu wesango; ububanzi bawo babuluhlanga olulodwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Yafika esangweni elibheke ngasempumalanga, yakhuphuka ngezitebhisi zalo, yalinganisa umbundu wesango, wawuluhlanga olulodwa ububanzi; lomunye umbundu wesango wawumhlanga owodwa ububanzi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 40:6
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umnyango wekamelo lohlangothi eliphakathi wawuseceleni lokunene lendlu; kwakhushukwa ngezikhwelo ezishwilayo ukuya ophondweni olungaphakathi, kuphunywe kolungaphakathi kuyiwe kolwesithathu.


Kwaze kwaba kuleso sikhathi babe sesangweni lenkosi ngasempumalanga; babe ngabalindisango bekamu* labantwana bakwaLevi.


Abalindi babekhona ezinhlangothini ezine: ngasempumalanga, nangasentshonalanga, nangasenyakatho, nangaseningizimu.


Emva kwabo kwalungisa uSadoki indodana ka-Imeri malungana nendlu yakhe. Emva kwakhe kwalungisa uShemaya indodana kaShekaniya, umlindi weSango langaseMpumalanga.


Ngokuba usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane. Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.


uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,


Inkazimulo kaJehova yaphuma phezu kombundu wendlu, yema phezu kwamakherubi.


UMoya wangiphakamisa, wangiyisa esangweni lendlu kaJehova lasempumalanga, elibhekene nempumalanga; bheka, ngasesivalweni sesango kwakukhona amadoda angamashumi amabili nanhlanu; ngabona phakathi kwawo uJahazaniya indodana ka-Azuri noPhelathiya indodana kaBenaya, izikhulu zabantu.


Wayeselinganisa ubude nobubanzi besango legceke elingaphandle elibheke ngasenyakatho.


Amafasitele alo, nemengamo yalo, namasundu alo kwakunjengesilinganiso sesango elibheke ngasempumalanga; bakhuphukela kulo ngezinyathelo eziyisikhombisa; imengamo yalo yayiphambi kwalezi.


Wayesengiyisa ngaseningizimu; bheka, isango lingaseningizimu; walinganisa izinsika zalo nemengamo yalo njengezilinganiso zasenhla.


Kwakukhona izinyathelo eziyisikhombisa zokukhuphukela kulo, imengamo iphambi kwazo; lalinamasundu, lilinye ngalapha nelinye ngalapha ezinsikeni zalo.


Bheka, kwakukhona ugange ngaphandle kwendlu nxazonke, nasesandleni somuntu kwakukhona uhlanga lokulinganisa, luyizingalo eziyisithupha, yileyo naleyo iyingalo nobubanzi besandla; walinganisa ububanzi besakhiwo: luhlanga lunye; nokuphakama: luhlanga lunye.


Ubude bekamelo labalindi babuluhlanga lunye, nobubanzi balo buluhlanga lunye; okwakuphakathi kwamakamelo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umbundu wesango eceleni kompheme wesango ngasendlini wawuluhlanga lunye.


imibundu, namafasitele avaliweyo, nemipheme nxazonke eyelakanyene kathathu malungana nombundu, kwembeswe umuthi nxazonke, kusukela phansi kuze kube semafasiteleni; amafasitele ayemboziwe;


Lapho eseqede ukulinganisa indlu engaphakathi, wangiphumisa ngendlela yesango elingasempumalanga, walinganisa ukuzungeza.


Wayesengiyisa esangweni, isango elibheke ngasempumalanga;


Unqenqema, ubude balo, babuyizingalo eziyishumi nane, ububanzi balo bungeziyishumi nane ezinhlangothini zalo zozine; umncele nxazonke kwalo wawuyinxenye yengalo; isinqe salo sasiyingalo nxazonke, izinyathelo zalo zibheke ngasempumalanga.”


bebeka umbundu wabo ngasembundwini wami, nensika yabo yomnyango eceleni kwensika yami, kube ludonga kuphela phakathi kwami nabo, belingcolisa igama lami elingcwele ngezinengiso zabo abazenzileyo, okungalokho ngabaqeda ngolaka lwami.


Wayesengibuyisa ngendlela yesango elingaphandle lendlu engcwele, elibheke ngasempumalanga.


Lapho isikhulu siyakulungisa umnikelo wesihle, umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula ibe ngumnikelo wesihle kuJehova, siyakuvulelwa isango elibheke ngasempumalanga, silungise umnikelo waso wokushiswa neminikelo yaso yokuthula njengokwenza kwaso ngosuku lwesabatha, bese siphuma; nalapho sesiphumile, isango liyakuvalwa.


Wayesengibuyisela emnyango wendlu; bheka, amanzi aphuma phansi kombundu wendlu ngasempumalanga, ngokuba ubuso bendlu babungasempumalanga; amanzi ehla evela phansi, ohlangothini lokunene lwendlu, ngaseningizimu kwe-altare.


Wayesengingenisa egcekeni elingaphakathi lendlu kaJehova; bheka, ngasemnyango wethempeli likaJehova phakathi kompheme ne-altare kwakukhona kungathi amadoda angamashumi amabili nanhlanu efulathele ithempeli likaJehova, ubuso bawo bubhekene nempumalanga, ekhonza ilanga ngasempumalanga.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ