Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 40:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wangiyisa khona; bheka, umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi, ephethe intambo yefilakisi* esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, wayemi esangweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Wangiyisa khona; ngabona umuntu osimo sakhe sasinjengesimo sethusi; wayephethe intambo yelineni esandleni sakhe, nohlanga lokulinganisa, emi esangweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wangiyisa khona; bheka, kwakukhona umuntu okubonakala kunjengethusi, ephethe umucu wefilakisi esandleni sakhe, nodondolo lokulinganisa; wema esangweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 40:3
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakwenza ukwahlulela kube ngumucu wokulinganisa, nokulunga kube ngumthofu wokumisa, isichotho sihlwithe isiphephelo samanga, amanzi akhukhule indawo yokucasha.


Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.


Ngase ngibona okunjengethusi elikhazimulayo, kufana nomlilo phakathi kwakho nxazonke, kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya phezulu; kusukela kokungathi ukhalo lwakhe kuya ngaphansi ngabona okufana nomlilo; kwamenyezela nxazonke kwawo.


imilenze yazo yayiqondile, amathe ezinyawo zazo ayenjengamathe ezinyawo zethole; zazimenyezela njengethusi eliphucuziweyo.


Wayesengingenisa ethempelini, walinganisa izinsika, ububanzi buyizingalo eziyisithupha ngalapha, ububanzi buyizingalo eziyisithupha nangalapha, ububanzi betabernakele.*


Walinganisa uhlangothi lwasempumalanga ngohlanga lokulinganisa: yizinhlanga ezingamakhulu ayisihlanu ngohlanga lokulinganisa nxazonke.


Ngase ngizwa okhuluma kimi ephakathi kwendlu; kwakumi umuntu eceleni kwami.


Lapho umuntu esephuma, eya ngasempumalanga, enomucu wokulinganisa esandleni sakhe, walinganisa izingalo eziyinkulungwane, wangidabulisa emanzini, amanzi efinyelela emaqakaleni.


Ngase ngibona, bheka, kwakunjengokubonakala komlilo; kusukela kokungathi ukhalo kuya phansi kwakungumlilo, kusukela okhalweni kuya phezulu kwakunjengokukhazimula nanjengethusi elimenyezelayo.


nezinyawo zakhe zifana nethusi elikhazimulayo sengathi zazishiswe esithandweni, nezwi lakhe linjengenhlokomo yamanzi amaningi;


Nganikwa uhlanga lufana nenduku, kwathiwa: “Sukuma, ulinganise ithempeli likaNkulunkulu, ne-altare, nabakhulekayo kulo.


Owayekhuluma nami wayenohlanga lwegolide ukuba alinganise umuzi, namasango awo, nogange lwawo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ