Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 38:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ukuze uphange impango, ubamuke impahla, bese wuphendulela isandla sakho ezindaweni ezichithekileyo esezakhiwe nakubantu asebebuthiwe ezizweni, bezuza imfuyo nempahla, behlala enkabeni yezwe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

12 bese ngibaphanga, ngibaqhwage impahla, ngelule isandla sami, ngimelane nezindawo okungahlali muntu kuzo, nabantu abaqoqwe ezizweni base bezizuzela imfuyo nempahla, labo abahlala enkabeni yezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

12 ukuthatha impango nokuphanga impango; ukuze uphendule isandla sakho phezu kwamanxiwa ahlalwayo manje, nakubantu ababuthiwe ezizweni, abazuzile izinkomo nempahla, abahlala phakathi kwezwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 38:12
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyalithuma esizweni esingenaNkulunkulu, ngiliyaleze ngabantu bentukuthelo yami ukuba liphange impango, liqhwage, libenze okunyathelwayo njengodaka lwasezitaladini.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa, nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana, nabakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngizakunika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, izwe laseGibithe; uyakuyisusa ingcebo yalo, aphange impango yalo, agcugce ingcugco yalo, kube yinkokhelo yempi yakhe.


Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni, liqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezaziyincithakalo njalo, eselikhishiwe kubantu, bahlale belondekile bonke.


Ngiyakunquma abakhileyo e-Ashidodi, nophethe intonga e-Ashikeloni, ngiphendulele isandla sami e-Ekroni; nensali yamaFilisti iyakuphela,” isho iNkosi uJehova.


Yayisithatha ingelosi kaJehova, yathi: “Jehova Sebawoti, koze kube nini ungabi nasihe kulo iJerusalema nakuyo imizi yakwaJuda oyithukuthelele le minyaka engamashumi ayisikhombisa na?”


“Phinda umemeze, uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Imizi yami isayakuchichima okuhle, uJehova abuye aliduduze iSiyoni, abuye alikhethe iJerusalema.’ ”


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


UGali wabuye wakhuluma, wathi: “Bheka, kwehla abantu eNkabeni yezwe, esinye isigaba sifika ngendlela ye-oki* lokuhlola imihlola.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ