Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 3:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngenze ibunzi lakho njengedayimani,* elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Ngilenze ibunzi lakho lalukhuni njengedayimani, lalukhuni ukwedlula insengetsha. Ungabesabi, ungapheli amandla ngenxa yabo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngenzé ibunzi lakho laba lukhuni kunetshe; ungabesabi, ungapheli amandla phambi kwabo, nakuba beyindlu edlubulundayo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 3:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ungesabi, ngokuba mina nginawe; ungapheli amandla, ngokuba mina nginguNkulunkulu wakho; ngiyakuqinisa, futhi ngiyakusiza, yebo, ngiyakusekela ngesandla sokunene sokulunga kwami.


Ungesabi wena mpethu, Jakobe, nani bantu bakwa-Israyeli; mina ngiyakukusiza,” usho uJehova; uMhlengi wakho ungoNgcwele ka-Israyeli.


Ngokuba iNkosi uJehova iyakungisiza; ngalokho angijabhanga, ngalokho ngibumisile ubuso bami njengensengetsha; ngiyazi ukuthi angiyikujabha.


“Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.


Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.


Ngiyakukwenza ukuba ube lugange lwethusi oluqinileyo kulaba bantu; bayakulwa nawe, kepha abayikukwahlula, ngokuba mina nginawe ukukusindisa nokukophula,” usho uJehova.


Mababe namahloni abangizingelayo, kepha mina mangingabi nawo; baphele amandla bona, mina ngingapheli wona kodwa; behlisele usuku lobubi, ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Futhi wathi kimi: “Ndodana yomuntu, onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe wamukele enhliziyweni yakho, uzwe ngezindlebe zakho.


Bheka, ngenze ubuso bakho bube lukhuni njengobuso babo, nebunzi lakho libe nqala njengamabunzi abo.


Uyakusho kuyo indlu ehlubukileyo yakwa-Israyeli, uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nina ndlu yakwa-Israyeli, mazanele kini zonke izinengiso zenu,


Kepha mina ngigcwele amandla ngoMoya kaJehova ngokulunga nangobuqhawe ukuba ngimtshele uJakobe iziphambeko zakhe, u-Israyeli izono zakhe.


Benza izinhliziyo zabo zaba yidayimani,* funa bezwe umthetho namazwi ayewathume uJehova Sebawoti ngoMoya wakhe ngesandla sabaprofethi bokuqala; ngalokho kwavela intukuthelo enkulu ivela kuJehova Sebawoti.


Lokhu kuhle, kuyabongeka emehlweni kaNkulunkulu uMsindisi wethu


Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ