Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 26:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Amadodakazi alo asendle ayakubulawa ngenkemba, bazi ukuthi nginguJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 “ ‘ “Amadodakazi alo asezweni ayakudliwa yinkemba, ayakukwazi ukuthi nginguSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Amadodakazi alo asemaphandleni ayakubulawa ngenkemba; bazakwazi ukuthi nginguJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 26:6
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza ukuba kuhlatshwe umkhosi wempi ngeRaba labantwana bakwa-Amoni; liyakuba yincithakalo, imizi yalo ishiswe ngomlilo, u-Israyeli abeselidla ifa lowalidla elakhe,” usho uJehova.


Udadewenu omkhulu uyiSamariya elihlezi namadodakazi alo ngakwesokhohlo sakho; udadewenu omncane ohlezi ngakwesokunene sakho uyiSodoma namadodakazi alo.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, iSodoma udadewenu alenzanga lona namadodakazi alo njengalokho wenzile wena namadodakazi akho.


“ ‘Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabo, ukuthunjwa kweSodoma nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kweSamariya nokwamadodakazi alo, nokuthunjwa kwabathunjwa bakho phakathi kwawo


ngenze ukwahlulela kuMowabi, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Ngiyakubeka impindiselo yami phezu kuka-Edomi ngesandla sabantu bami u-Israyeli, benze kwa-Edomi njengentukuthelo yami nokufutheka kwami, bazi impindiselo yami, isho iNkosi uJehova.’ ”


Ngiyakwenza impindiselo enkulu kubo ngezijeziso ezifuthayo, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngibeka impindiselo yami kubo.’ ”


Ngiyakwenza iRaba libe yindawo yokuhlala amakamela, abantwana bakwa-Amoni babe yindawo yokubuthisa kwezimvu, nazi ukuthi nginguJehova.


bheka, ngalokho ngiyakwelulela isandla sami kuwe, ngikunikele ukuba ube yimpango yezizwe, ngikunqume kubantu, ngikuchithe emazweni, ngikuqothule, wazi ukuthi nginguJehova.’ ”


Uyakubulala amadodakazi akho endle ngenkemba, enze inqaba ngakuwe, akunqwabele iduli, akumisele ihawu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ