Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 26:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngiphezu kwakho, Tire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lukhuphula amaza alo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Ngiphezu kwakho Thire; ngiyakwenyusela kuwe izizwe eziningi njengolwandle lugubha amagagasi, zimelane nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, nginakho ngawe, Tire; ngiyakwenza izizwe eziningi zikuvukele njengolwandle luphakamisa amaza alo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 26:3
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba wakhuluma, wavusa umoya wesiphepho owaphakamisa amadlambi olwandle.


Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.


Bheka, ngimelene nawe, wena owakhileyo esigodini, wena litshe lasethafeni, usho uJehova, nina enithi: “Ngubani oyakusehlela, ngubani oyakungena ezindlini zethu, na?”


nawo onke amakhosi aseTire, nawo onke amakhosi aseSidoni, namakhosi aseziqhingini ezingaphesheya kolwandle;


“Bheka, ngimelene nawe ozikhukhumezileyo,” isho iNkosi uJehova Sebawoti, “ngokuba usuku lwakho lufikile, isikhathi sokuhanjwelwa kwakho.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa; izwi labo liduma njengolwandle; bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa nawe ndodakazi yaseBabele.


Ulwandle lukhuphukele iBabele, lisibekelwe ngamaza alo ahlokomayo.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa, behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.”


uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi.


“Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Lapho ngiyakukwenza umuzi ochithekileyo njengemizi engahlalwayo, nalapho ngiyakukhuphulela utwa phezu kwakho, amanzi amaningi akusibekele,


Abagwedli bakho bakuyisa emanzini amaningi; umoya wasempumalanga wawusukwaphula usenhliziyweni yolwandle.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Bheka, ngimelene nawe Sidoni; ngiyakudunyiswa phakathi kwakho, bazi ukuthi nginguJehova, lapho ngenza ukwahlulela kulo, ngingcweliswe phakathi kwalo.


Bheka, ngalokho ngimelene nawe nemifula yakho; ngiyakwenza izwe laseGibithe libe yihlane lamahlane nencithakalo, kusukela eMigidoli kuze kube seSevene, kuze kube semkhawulweni waseKushe.


uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene nawe Gogi, isikhulu sakwaRoshe noMesheke noThubali;


ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, mina, yebo, mina ngimelene nawe; ngiyakwenza izahlulelo phakathi kwakho emehlweni ezizwe.


Manje izizwe eziningi zikubuthanele; zithi: “Malingcoliswe, amehlo ethu alibuke iSiyoni.”


Ingonyama yadwengula okwanele amabhongo ayo, yabindela izingonyamakazi zayo; yagcwalisa imiphandu yayo ngempango nemigede yayo ngengcugco.


“Bheka, ngimelene nawe,” usho uJehova Sebawoti; “ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho, ngibonise izizwe ubunqunu bakho, nemibuso ihlazo lakho.


Ngiyakubuthela iJerusalema bonke abezizwe ukuba balwe nalo; umuzi uyakuthathwa, izindlu ziphangwe, kuphoqwe abesifazane; inxenye yomuzi iyakumuka, iye ekuthunjweni, kepha abantu abaseleyo abayikunqunywa emzini.


Bheka, iNkosi iyakulaphuca, iphonse imfuyo yalo elwandle, lona lidliwe ngumlilo.


“Kuyakuba khona izibonakaliso elangeni nasenyangeni nasezinkanyezini; nasemhlabeni usizi luyakwehlela izizwe, zixakeke ngokuduma kolwandle namaza,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ