Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 24:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Maye kumuzi wezingazi! Nami ngiyakwandisa ukubungela izinkuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 “ ‘ “Ngakho-ke isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “ ‘Maye, kumuzi ochitha igazi! Nami futhi ngiyakuzifaka kakhulu izinkuni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Maye kuwo umuzi wegazi! Ngiyovusa ngisho inqwaba umlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 24:9
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indawo yokushisela kade yahlelwa, yebo, yalungiselwa nenkosi; uyenze yajula, yaba banzi; igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi, nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule; kuyayokhela.


Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo, nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,”* usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngaseJerusalema, izwi lakho liconsele ngasezindaweni ezingcwele, uprofethe ngezwe lakwa-Israyeli,


uthi kulo izwe lakwa-Israyeli: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngimelene nawe; ngiyakuhosha inkemba yami emgodleni wayo, nginqume abalungileyo nababi.


“Wena ndodana yomuntu uyakuwahlulela, uyakuwahlulela umuzi wegazi na? Uyakuwazisa-ke zonke izinengiso zawo,


Ngase ngithulula ukufutheka kwami phezu kwabo; ngibaqedile ngomlilo wentukuthelo yami, ngehlisela indlela yabo phezu kwamakhanda abo, isho iNkosi uJehova.”


Fumbela izinkuni, ukhwezele umlilo, uqede inyama, wome umhluzi, amathambo ashiswe.


Thatha okukhethekileyo komhlambi, ubungele izinkuni phansi kwalo, ulibilise nokulibilisa, kuphekwe namathambo phakathi kwalo.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Maye kumuzi wezingazi, kulo ikhanzi elinokugqwala, nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo! Khipha kulo izinqamu ngezinqamu; alidliwanga yinkatho.


Wo kumuzi wezingazi! Wonke ugcwele amanga nempango, ukuphanga akupheli.


“Wo kowakha umuzi ngezingazi, aqinise idolobha ngobubi!


elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu,


njengokuba iSodoma neGomora nemizi yangakhona yenza ubufebe ngendlela efana neyayo, yalandela inyama imbe imisiwe ibe yisiboniso, izwa isijeziso somlilo omiyo njalo.


Isikhamo sanyathelwa ngaphandle komuzi, kwaphuma igazi esikhamweni, laze lafika ematomini amahhashi, liqeda amastadiyu* ayinkulungwane namakhulu ayisithupha.


Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ