Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 24:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Beka ikhanzi, libeke, uthele amanzi kulo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Khuluma ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “ ‘ “Beka ibhodwe emlilweni, libeke, uthele amanzi kulo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yisho umfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Izi, Faka ebhodweni, ulimise futhi uthele amanzi kulo:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 24:3
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Elisha wabuyela eGiligali; kwakukhona indlala kulelo zwe; amadodana abaprofethi ayehlezi phambi kwakhe; wathi encekwini yakhe: “Bheka ikhanzi elikhulu, uphekele amadodana abaprofethi ukudla.”


Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso, ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.


Yizwani, mazulu, ubeke indlebe, mhlaba, ngokuba uJehova ukhuluma uthi: “Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana, kepha bangihlubukile.


ngize ngilicindezele i-Ariyeli,* kube khona ukukhala nokububula, libe njenge-Ariyeli kimi.


“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,


Bangabantwana abahlubukileyo, abantwana abaqamba amanga, abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,


Kepha bahlubuka, badabukisa uMoya wakhe oNgcwele, waphenduka isitha sabo, walwa nabo.


Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: “Ubonani na?” Ngathi: “Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho.”


Wayesethi kimi uJehova: “Okubi kuyakuqhambuka ngasenyakatho, kubehlele bonke abakhileyo bomhlaba.


Lo muzi awuyikuba yikhanzi, nani aniyikuba yinyama phakathi kwalo; ngiyakunahlulela emkhawulweni wakwa-Israyeli,


athi: ‘Akuseduze yini ukuba kwakhiwe izindlu? Lo muzi uyikhanzi, thina siyinyama.’


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ababuleweyo benu enibabekile phakathi kwawo bayinyama, nawo uqobo uyikhanzi, kepha nina ngiyakunikhipha phakathi kwawo.


“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.’ ”


“Thana kuyo indlu ehlubukayo: ‘Anazi ukuthi lezi zinto ziyini?’ Yisho ukuthi: ‘Bheka, inkosi yaseBabele yafika eJerusalema, yathatha inkosi yalo nezikhulu zalo, yabayisa kuyo eBabele.


“Ndodana yomuntu, yisho imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,


Kwangena kimi uMoya esakhuluma kimi, wangimisa ngezinyawo zami, ngamuzwa owakhuluma kimi.


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.


Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”


Ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bathi ngami: ‘Asithi uyalinganisa ngezaga na?’ ”


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Maye kumuzi wezingazi, kulo ikhanzi elinokugqwala, nokugqwala kwalo kungaphumanga kulo! Khipha kulo izinqamu ngezinqamu; alidliwanga yinkatho.


Ngenze ibunzi lakho njengedayimani,* elilukhuni kunensengetsha; ungabesabi, ungapheli amandla ngobuso babo, noma beyindlu ehlubukayo.”


Ngalolo suku bayakuphakamisa umfanekiso ngani, bakhale isililo, bathi: ‘Sichithiwe nokuchithwa; isabelo sabantu bami sinikwa omunye; yeka ukubuya kwakhe kimi; abahlubuki babelwa amasimu ethu.’ ”


Base befuna ukumbamba, kepha besaba isixuku; ngokuba bazi ukuthi ukhulume lo mfanekiso ngabo. Base bemshiya bamuka.


Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ