Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 24:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Izwi likaJehova lafika kimi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, lathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Izwi likaSimakade lafika kimi ngonyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngosuku lweshumi enyangeni, lathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 24:1
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma, waya enkosini yaseBabele, yena nonina, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe; inkosi yaseBabele yamthatha ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe.


Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela;


Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe ngenyanga yeshumi, ngolweshumi lwenyanga, kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo, bakha inqaba ngakulo nxazonke.


Ngolwesihlanu lwenyanga ngomnyaka wesihlanu wokuthunjwa kukaJehoyakini


Kwathi ngomnyaka wesikhombisa, ngenyanga yesihlanu, ngolweshumi lwenyanga kwafika amadoda athile amalunga akwa-Israyeli ukuba abuze kuJehova; ahlala phambi kwami.


Bayakwehlisela ukukhanuka kwenu phezu kwenu, nithwale izono zezithombe zenu, nazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.”


“Ndodana yomuntu, zilobele igama losuku, lona lolo suku; inkosi yaseBabele ihlasele iJerusalema ngalolu suku.


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngolokuqala lwenyanga izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Ngomnyaka weshumi, ngenyanga yeshumi, ngolweshumi nambili lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:


Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, lafika kimi izwi likaJehova, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nanye ngenyanga yesithathu ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngenyanga yeshumi nambili, ngolokuqala lwenyanga lafika kimi izwi likaJehova, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili, ngolweshumi nanhlanu lwenyanga, izwi likaJehova lafika kimi, lathi:


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili wokuthunjwa kwethu, ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.”


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.


Kwathi ngomnyaka wesithupha ngenyanga yesithupha ngolwesihlanu lwenyanga lapho ngihlezi endlini yami, amalunga akwaJuda ehlezi ngaphambi kwami, isandla seNkosi uJehova sawela lapho phezu kwami.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa, nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ