Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 22:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, ukuze isikhathi sakho sifike, nowenza izithombe kuwe ukuzingcolisa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 uthi: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Wena muzi ochitha igazi phakathi kwakho, isikhathi sakho siyeza; wenze izithombe ukuba uzingcolise ngazo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uzakuthi: Itsho njalo iNkosi uJehova: Umuzi uchitha igazi phakathi kwawo, ukuze isikhathi sawo sifike, wenze kuwo izithombe zokuwungcolisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 22:3
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Impela kwaba khona lokho kwaJuda ngezwi likaJehova ukubasusa ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase njengakho konke akwenzileyo,


nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.


Bangcola kanjalo ngemisebenzi yabo, baphinga ezenzweni zabo.


Yeka umuzi othembekileyo waphenduka, waba yisifebe, wena owawugcwele ukwahlulela! Ukulunga kwakuhlezi khona, kepha manje ababulali.


Ngokuba mina Jehova ngiyakukhuluma izwi engiyakulikhuluma, lenzeke, lingabe lisalitshaziswa, ngokuba ezinsukwini zenu nina ndlu ehlubukayo ngiyakukhuluma izwi, ngilenze, isho iNkosi uJehova.’ ”


“Wena ndodana yomuntu uyakuwahlulela, uyakuwahlulela umuzi wegazi na? Uyakuwazisa-ke zonke izinengiso zawo,


Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.


ngegazi olichithileyo unecala, nangezithombe zakho ozenzileyo ungcolile; usondezile izinsuku zakho, ufikile eminyakeni yakho; ngalokho ngikwenzile ihlazo ezizweni nenhlekiso emazweni onke.


“ ‘Bheka, izikhulu zakwa-Israyeli, kwaba yileso naleso njengamandla aso, zaziphakathi kwakho ukuchitha igazi.


Ngokuba baphingile, negazi lisezandleni zabo; baphingile nezithombe zabo, badabulise emlilweni amadodana abo abangizalela wona, abe ngukudla kwazo.


Abantu abalungileyo bayakubahlulela ngokwahlulelwa kweziphingikazi nangokwahlulelwa kwabesifazane abachitha igazi, ngokuba bayiziphingikazi, negazi lisezandleni zabo.


Wabanika ubufebe bakhe, bengamadoda akhethekileyo ase-Asiriya; bonke abakhanukelayo, wangcoliswa ngazo zonke izithombe zabo.


Ngalokho thana kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nidla okunegazi, niphakamisa amehlo enu ezithombeni zenu, nichitha igazi. Pho, niyakudla ifa lezwe na?


Wathi kimi: “Ububi bendlu yakwa-Israyeli neyakwaJuda bukhulu kakhulu impela, nezwe ligcwele igazi, nomuzi ugcwele ukuhlanekezela, ngokuba bathi: ‘UJehova ulishiyile izwe, uJehova akakuboni.’


enakha iSiyoni ngegazi neJerusalema ngobubi,


Izikhulu zawo phakathi kwawo ziyizingonyama ezibhongayo; abahluleli bawo bayizimpisi zokuhlwa; abashiyeli lutho ingomuso.


Kepha ngobulukhuni bakho nangenhliziyo engaphendukiyo uzibekelela ulaka ngosuku lolaka nolokwambulwa kokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu


nangokufisa bayakuthengiselana ngani ngamazwi obuqili, abakulahlwa kwabo kwamandulo akulibali nokubhujiswa kwabo akozeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ