Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 2:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe, ungabi ngohlubukayo njengale ndlu ehlubukayo. Vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kepha wena, ndodana yomuntu, yizwa engikusho kuwe; Ungahlubuki njengaleyo ndlu edlubulundayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 2:8
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngaya kuyo ingelosi; ngase ngithi kuyo mayinginike incwadi encane. Yayisithi kimi: “Yithabathe, uyidle uyiqede; izakubaba esiswini sakho, kepha emlonyeni wakho iyakuba mnandi njengezinyosi.”


Amazwi akho afunyanwa, ngawadla; amazwi akho aba ngukujabula kimi nokuthokoza kwenhliziyo yami, ngokuba ngibizwa ngegama lakho, Jehova Nkulunkulu Sebawoti.


INkosi uJehova iyivulile indlebe yami, mina angihlubukanga, angihlehlanga nyovane.


kungabi njengabazenza amakhosi phezu kwamabandla enabelwa wona, kodwa nibe yizibonelo zomhlambi;


Futhi wathi kimi: “Ndodana yomuntu, onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe wamukele enhliziyweni yakho, uzwe ngezindlebe zakho.


“U-Aroni uyakubuthelwa kubantu bakhe, ngokuba akayikungena ezweni engibanike lona abantwana bakwa-Israyeli, lokhu nahlubuka ezwini lami ngasemanzini aseMeriba.


UMose wayesethi ku-Aroni: “Yikho uJehova akukhuluma, ethi: “ ‘Kubo abaseduze nami ngiyakungcweliswa, phambi kwabantu bonke ngiyakukhazimuliswa.’ ” U-Aroni wathula.


Ngokuba uNkulunkulu ukhulumile kanjalo kimi ngesandla esinamandla, wangiyala ukuba ngingahambi ngendlela yalaba bantu, wathi:


Ngalithenga ibhande njengezwi likaJehova, ngalibeka ezinkalweni zami.


“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


“Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”


Wathuma ubumnyama, wenza kwaba mnyama, kepha baphambana namazwi akhe.


Ngenza njengokungiyala kwakhe; ngayikhipha impahla yami emini njengempahla yokuhamba, kusihlwa ngagebhula ogangeni ngesandla, nanxa sekumnyama ngayikhipha, ngayithwala ehlombe emehlweni abo.


Kepha uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharishishi, wehlela eJopha, wafumana umkhumbi obuyakuya eTharishishi; wakhokha imali yawo, wakhwela kuwo, ukuba ahambe nawo, aye eTharishishi, asuke ebusweni bukaJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ