Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 2:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma ngabe bayalalela noma bawashaya indiva, ngokuba bangabahlubuki.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kumelwe ukhulume amazwi ami kubo, kungakhathaliseki ukuthi bafuna ukuwezwa noma bayabayeka beme, ngoba bahlubuka kakhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 2:7
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

uJehova washo kuMose, wathi: “NginguJehova; khuluma kuFaro inkosi yaseGibithe konke engikukhuluma kuwe.”


“Ngalokho bopha izinkalo zakho, usuke, ukhulume kubo bonke engikuyala ngabo; ungapheli amandla ngabo, funa ngiqede amandla akho ebusweni babo.


Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.


uthi kuwo: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda, noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;


Umprofethi onephupho makalilandise iphupho, kepha onezwi lami makalikhulume izwi lami ngeqiniso. Amakhoba ayini kukolweni na?” usho uJehova.


“Usho kanje uJehova, uthi: Yima egcekeni lendlu kaJehova, ukhulume kuyo yonke imizi yakwaJuda efika ukukhuleka endlini kaJehova onke amazwi engikuyala ukuwakhuluma kubo, ungagodli zwi.


UJeremiya umprofethi wayesekhuluma onke lawo mazwi kuSedekiya inkosi yakwaJuda eJerusalema,


Ngalokho zonke izikhulu zathuma uJehudi indodana kaNethaniya kaShelemiya kaKushi kuBaruki, zathi: “Umqulu owufundileyo ezindlebeni zabantu wuthathe ngesandla sakho, uze nawo.” UBaruki indodana kaNeriya wawuthatha umqulu ngesandla sakhe, weza kuzo.


Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini.


UJeremiya washo kubantu bonke, kwabesilisa nakwabesifazane, kubo bonke abantu abamphendule kanjalo, wathi:


Bahlubukile bonke nokuhlubuka, behamba behleba; bayithusi nensimbi, bangabachithi bonke.


“Uyakukhuluma onke lawo mazwi kubo, kepha abayikukulalela; uyakubabiza, kepha abayikukuphendula.


Ngase ngikhuluma kubathunjwa zonke izinto uJehova angibonisile zona.


“Ndodana yomuntu, wena uhlala phakathi kwendlu ehlubukayo nabanamehlo okubona bengaboni kodwa, abanezindlebe zokuzwa bengezwa nokho, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Bona-ke, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bayindlu ehlubukayo, bayakwazi nokho ukuthi kade ekhona umprofethi phakathi kwabo.


“Ngalokho, ndodana yomuntu, khuluma kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, uthi: Kulokho oyihlo bangihlambalazile ngokwenza isiphambeko kimi.


Futhi wathi kimi: “Ndodana yomuntu, onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe wamukele enhliziyweni yakho, uzwe ngezindlebe zakho.


“Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini yakwa-Israyeli, ukhulume kuyo ngamazwi ami.


“Wena-ke, ndodana yomuntu, ngikubeke umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; yizwa izwi lomlomo wami, ubaxwayise, kuvela kimi.


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”


“Yizwani, nifakaze ngendlu kaJakobe, isho iNkosi uJehova, uNkulunkulu Sebawoti.


“Suka uye eNineve, umuzi omkhulu, umemezele kulo isimemezelo esikhulu engasikhuluma kuwe.”


nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ