Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 2:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantu bakwa-Israyeli, ezizweni zamambuka, ezihlubukile kimi, zona nokhokho bazo zonile kimi kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, esizweni esihlubukayo esingihlubukileyo; bona naboyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 2:3
42 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha abalalelanga; benza lukhuni intamo yabo njengentamo yawoyise abangakholwanga nguJehova uNkulunkulu wabo.


Badelela izimiso zakhe, nesivumelwano sakhe asenzayo nawoyise, nezixwayiso abaxwayisa ngazo, balandela okuyize, benza okuyize, balandela abezizwe ababebazungeza, uJehova abayale ngabo ukuthi abayikwenza njengabo.


Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube namuhla sinecala elikhulu; ngenxa yezono zethu sanikelwa thina namakhosi ethu nabapristi bethu ezandleni zamakhosi abezizwe enkembeni, nasekuthunjweni, nasekuphangweni, nasemahlonini obuso njenganamuhla.


“Kepha babengalaleli, bakuhlubuka, balahla nyovane umthetho wakho, bababulala abaprofethi bakho abafakaza ngabo ukubabuyisela kuwe, benza izithuko ezinkulu.


Bazihlanganisa noBali Peyori, badla okuhlatshelwe abafileyo.


“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova, “abenza iziluleko, kungengezami nokho, nabenza isivumelwano, kungengesomoya wami kodwa, ukuze bengeze isono esonweni,


Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.


Masilale phansi namahloni, ihlazo lethu lisisibekele, ngokuba sonile kuJehova uNkulunkulu wethu, thina nawobaba, kusukela ebusheni bethu kuze kube namuhla, asililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”


“Zithathele umqulu wencwadi, ulobe kuwo onke amazwi engiwakhulume kuwe ngo-Israyeli nangoJuda, nangazo zonke izizwe, kusukela osukwini engakhuluma ngalo kuwe, kusukela ezinsukwini zikaJosiya kuze kube namuhla.


UJeremiya washo kubantu bonke, kwabesilisa nakwabesifazane, kubo bonke abantu abamphendule kanjalo, wathi:


“Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na?


“Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi: “ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova.


“Thana kuyo indlu ehlubukayo: ‘Anazi ukuthi lezi zinto ziyini?’ Yisho ukuthi: ‘Bheka, inkosi yaseBabele yafika eJerusalema, yathatha inkosi yalo nezikhulu zalo, yabayisa kuyo eBabele.


Fanekisa ngomfanekiso kuyo indlu ehlubukayo, uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Beka ikhanzi, libeke, uthele amanzi kulo,


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”


Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’


Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti. “Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’


OMose no-Aroni babutha ibandla phambi kwedwala; wathi-ke kubo: “Yizwani manje nina bahlubuki; siyakunivezela yini amanzi kuleli dwala na?”


“Nina bantamo zilukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele; njengoyihlo ninjalo nani.


Bayakushumayela kanjani, uma bengathunywa na? Njengokulotshiweyo ukuthi: “Yeka, zinhle izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


Nimhlubukile uJehova kusukela osukwini enganiqabuka ngalo.


Khumbula izinceku zakho o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ungabheki inkani yalaba bantu, nabubi babo, nasono sabo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ