Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ngiyakukhuluma nawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, ukuze ngikhulume nawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yima ngezinyawo zakho, mina ngikhulume nawe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 2:1
32 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

umuntu uyini ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu ukuba uyinake na?


Njengothingo olusemafwini ngosuku lwemvula kwabonakala kanjalo ukumenyezela nxazonke. Kwakunjengesimo senkazimulo kaJehova. Lapho ngiyibona, ngawa ngobuso, ngezwa izwi lokhulumayo.


“Wena ndodana yomuntu, zenzele impahla yokuhamba, usuke emini emehlweni abo, umuke endaweni yakho emehlweni abo, uye kwenye; mhlawumbe bayakubona ukuthi bayindlu ehlubukayo.


“Ndodana yomuntu, profetha ngabaprofethi bakwa-Israyeli abaprofethayo, uthi kwabaprofetha okwenhliziyo yabo: ‘Zwanini izwi likaJehova.


“Ndodana yomuntu, lapho izwe lona kimi ngokwenza iziphambeko, ngelulele isandla sami phezu kwalo, ngaphule uzime lwalo lwesinkwa, ngithume indlala kulo, nginqume kulo abantu nezilwane,


“Ndodana yomuntu, lawa madoda angenisile izithombe zawo ezinhliziyweni zawo, abeka isikhubekiso sokona kwawo phambi kobuso bawo. Impela ngiyakubuzwa yiwo na?


“Ndodana yomuntu, umuthi womvini udlula ngani imithi yonke, igatsha lomvini eliphakathi kwemithi yasehlathini, na?


“Ndodana yomuntu, yazisa iJerusalema izinengiso zalo,


“Ndodana yomuntu, yisho imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, ngiyakuthuma kubantwana bakwa-Israyeli, izizwe ezambukayo ezingihlubukile; bona nawoyise baphambukile kimi kuze kube namuhla.


Wena ndodana yomuntu, ungabesabi, ungesabi namazwi abo, noma amakhakhasi nameva kukuwe, uhlezi phakathi kwawofezela; ungawesabi amazwi abo, ungapheli amandla ngobuso babo, ngokuba bayindlu ehlubukayo.


Kepha wena ndodana yomuntu, yizwa engikukhulumayo kuwe, ungabi ngumhlubuki njengale ndlu ehlubukayo; vula umlomo wakho, udle engikunika khona.”


“Ndodana yomuntu, khuluma emalungeni akwa-Israyeli, uthi kuwo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nifike ukubuza kimi na? Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, angiyikubuzwa yinina.’


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, yidla okufumanayo, udle lo mqulu, uye ukhulume kuyo indlu yakwa-Israyeli.”


Futhi wathi kimi: “Ndodana yomuntu, onke amazwi ami engiyakuwakhuluma kuwe wamukele enhliziyweni yakho, uzwe ngezindlebe zakho.


“Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, hamba uye endlini yakwa-Israyeli, ukhulume kuyo ngamazwi ami.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, lawa mathambo angaphila na?” Ngathi: “Nkosi Jehova, wena uyazi.”


“Wena ndodana yomuntu, zithathele isitini, usibeke phambi kwakho, uqophe kuso umuzi, iJerusalema,


Lo muntu wathi kimi: “Ndodana yomuntu, bheka ngamehlo akho, uzwe ngezindlebe zakho, ubeke inhliziyo yakho kukho konke engiyakukubonisa khona, ngokuba ulethiwe ukuba ngikubonise; yitshele indlu yakwa-Israyeli konke okubonayo.”


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nazi izimiso ze-altare mhla beyakulenza ukuba bashise umnikelo wokushiswa phezu kwalo, balifafaze ngegazi.


“Wena ndodana yomuntu, zithathele inkemba ebukhali, uzithathele yona njengempuco yomgundi, uyihambise ekhanda lakho nasesilevini sakho, uzithathele isilinganiso sokulinganisa, wahlukanise izinwele.


“Wena ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova kulo izwe lakwa-Israyeli, ithi: Ukuphela! Ukuphela kufikile emagumbini omane ezwe.


Wathi kimi: “Daniyeli, wena muntu othandekayo, qonda amazwi engiwakhuluma kuwe, ume nokuma, ngokuba ngithunywe kuwe;” lapho esekhulumile leli zwi kimi, ngema ngithuthumela.


Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”


Wayesesondela lapho ngimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami; kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Kepha uJesu wasondela, wabathinta, wathi: “Sukumani, ningesabi.”


Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Kepha sukuma, ume ngezinyawo zakho; ngokuba ngibonakele kuwe ngalokho ukuba ngikumise ube yisikhonzi nofakazi walokhu kungibona kwakho nowalokhu engizakuzibonakalisa kuwe ngakho,


kodwa vuka ungene emzini, uzakutshelwa lokhu omelwe ukukwenza.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ