Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 19:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Yakhulisa elinye lamawundlu ayo, laba yibhongo; lafunda ukubamba impango, ladla abantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Wakhulisa elinye lamawundlu akhe, laba yibhongo, lafunda ukudwengula inyamazane, ladla nabantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Yakhulisa elinye lamawundlu ayo, laba yibhongo lengonyama, lafunda ukubamba impango; ladla abantu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 19:3
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UFaro Nekho wambeka u-Eliyakimi indodana kaJosiya inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi, kepha wamsusa uJehowahazi, waze waya eGibithe, wafela khona.


“ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama! Yabuthisa phakathi kwamabhongo, yondla amawundlu ayo.


Izizwe zezwa ngalo, labanjwa emgodini wazo; zaliyisa ngezingwegwe ezweni laseGibithe.


Lahambahamba phakathi kwezingonyama, liyibhongo; lafunda ukubamba impango, ladla abantu.


Kukhona uzungu lwabaprofethi bawo phakathi kwawo njengengonyama ebhongayo edwengula impango; badlile imiphefumulo, bathatha ingcebo nokuyigugu; benzile abafelokazi babo babe baningi phakathi kwawo.


“Ndodana yomuntu, yenza isililiselo ngoFaro inkosi yaseGibithe, uthi kuye: “ ‘Wazifanisa nebhongo lengonyama phakathi kwezizwe, kepha unjengodrako* elwandle, lapho ufohlela emifudlaneni yakho, unyakazisa amanzi ngasezinyaweni zakho, udunga izikhukhula zawo.


Izwi lokukhala kwabelusi! ngokuba udumo lwabo luyachithwa; izwi lokubhonga kwamabhongo ezingonyama! ngokuba ubuhle beJordani buyaqothulwa.


NgoDani wathi: “UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ