Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UHezekeli 15:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Bheka, uyafakwa emlilweni ukuba udliwe, ziqedwe ngumlilo izihloko zawo zombili, kuhanguke okuphakathi kwazo; usulungele umsebenzi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Lapho selufakwe emlilweni ukuba kubaswe izihloko zalo zombili sezidliwe ngumlilo, kanjalo nesiqu salo sesishile, ngabe lusenawo yini umsebenzi na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bheka, iphonswa emlilweni njengenkuni; umlilo udla imikhawulo yawo yomibili, nengaphakathi lawo liyasha. Ingabe ilungele noma yimuphi umsebenzi?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UHezekeli 15:4
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe; bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.


Abanamandla bayakuba njengefilakisi,* nemisebenzi yabo njengenhlansi; bayakusha bobabili kanyekanye, akuyikubakho ocimayo.”


Lapho amagatsha awo esebunile, ayakwaphulwa, kufike abesifazane, baphembe umlilo kuwo, ngokuba bangabantu abangenakuqonda; ngalokho owabenzayo akayikubahawukela, nowababumbayo akayikuba namusa kubo.


Kuyakuthathwa kuwo umuthi wokwenza umsebenzi, noma kuthathwe kuwo isikhonkwane ukuphanyeka isitsha, na?


Bheka, usaphelele awenziwanga waba ngokomsebenzi; kakhulu kangakanani, lapho umlilo uwuqedile wahanguka, uyobe usenziwa ube ngokomsebenzi, na?


“Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Njengomuthi womvini phakathi kwemithi yasehlathini engiwunike umlilo ukuba uqedwe, kanjalo ngiyakunikela abakhileyo eJerusalema.


Umlilo uphumile esiqwini sawo, wadla amagatsha awo nezithelo zawo, kwaze kwangabe kusaba khona kuwo igatsha eliqinileyo, nantonga yokubusa.’ Lokhu kuyisililo; makube yisililo.”


“Nganichitha njengalokho uNkulunkulu achitha iSodoma neGomora; naninjengesikhuni esophulwe emlilweni, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha.


ombenge yakhe yokwela isesandleni sakhe; uzakushanelisisa isibuya sakhe, abuthele amabele enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe.


ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.


kepha uma uveza ameva nekhakhasi, uyaleka, useduze nokuqalekiswa, ukuphela kwawo ngukushiswa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ