Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 8:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Iphunga lalowo mnikelo lamthokozisa uSimakade, wayesethi enhliziyweni yakhe: “Umhlaba angisayukuphinde ngiwuqalekise ngenxa yabantu. Umuntu vele unemicabango emibi kusukela ebuncaneni bakhe. Ngeke ngiphinde ngikubhubhise ngozamcolo konke okuphilayo njengalokhu ngenzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 INkosi yezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuwuqalekisa umhlaba ngenxa yomuntu; ngokuba imicabango yenhliziyo yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; futhi angisayikuphinda ngishaye zonke izinto eziphilayo njengoba ngenzile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 8:21
50 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho.


Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Waqamba igama layo ngokuthi uNowa, ethi: “Lo uyakusiduduza emsebenzini wethu nasenkathazweni yezandla zethu emhlabathini awuqalekisa uJehova.”


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.


Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa.


Kepha uJehova wabona ukuthi ububi bomuntu bukhulu emhlabeni nokuthi zonke izizindlo zemicabango yenhliziyo yakhe zimbi njalo.


UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.”


Ngubani ongaveza okuhlambulukileyo kukho okungcolileyo na? Kakho noyedwa.


Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.


Ababi bahlubuka kwasesizalweni, abaqamba amanga baduka kwasesiswini.


Isihlungu sabo sinjengesihlungu senyoka; banjengebululu eliyisithulu, elivimba indlebe yalo,


Woyishisa yonke inqama e-altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.


Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo, ukushise e-altare phezu komnikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova: kungumnikelo womlilo kuJehova.


Ngubani ongasho ukuthi: “Ngihlanzile inhliziyo yami, sengihlambulukile ezonweni zami, na?”


Ngokuba akukho muntu emhlabeni olungileyo kangaka ukuba enze okuhle, angoni.


“Yima manje neziphonso zakho nobuningi bamalumbo akho okhandlekile kukho kwasebusheni bakho; mhlawumbe uyakusizakala, mhlawumbe uyakubanga uvalo.


Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo, zihambisene nawe kwasebusheni bakho; seziyakuzulazula, kube yileyo naleyo ngendlela yayo, ekusindisayo ingabikho.


Yebo, awuzwanga, awazanga, kwasendulo indlebe yakho ayivulwanga, ngokuba bengazi ukuthi wawukhohlisa nokukhohlisa, wabizwa ngokuthi umhlubuki kwasekuzalweni.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


“Bheka, kulotshiwe phambi kwami ukuthi: Angiyikuthula, ngiyakuphindisela, yebo, ngiphindisele ezifubeni zabo


Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke, futhi imbi; ngubani ongayazi na?


Kepha bathi: ‘Kuyize, ngokuba siyakulandela amacebo ethu, senze, kube yilowo nalowo ngenkani yenhliziyo yakhe embi.’ ”


Ngaqaphela, ngezwa; abakhulumanga kahle; akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi: “Ngenzeni na?” Bonke baphendukela emisebenzini yabo njengamahhashi aphulukundlela empini.


Ngephunga elimnandi ngiyakunamukela, lapho nginikhipha kubantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona, ngingcweliswe kini emehlweni ezizwe.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Ngiyakuyenza imizi yenu ibe yizwekufa, ngizenze izindlu zenu ezingcwele zibe yincithakalo; angisayikuhogela unqambothi lwamaphunga lwenu olumnandi.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


UMose wayesekuthatha ezandleni zabo, wakushisa e-altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


nenze umnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo, ukwenza iphunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezimvu,


Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.


Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya.


ngokuba kuthe bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu, kodwa balutheka ekuzindleni kwabo; inhliziyo yabo engaqondiyo yaba mnyama.


ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;


ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo,


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Siyazi ukuthi singabakaNkulunkulu nokuthi izwe lonke limi ebubini.


Ngalokho mayizwe inkosi yami, inkosi, amazwi enceku yayo. Uma nguJehova okuncokoloza ngami, makamukele umnikelo, kepha uma kungabantwana babantu, mabaqalekiswe phambi kukaJehova, ngokuba bangixoshile namuhla ukuba ngingazihlanganisi nefa likaJehova, bethi: ‘Hamba ukhonze abanye onkulunkulu.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ