Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 8:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UNkulunkulu wayesemkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezinaye emkhunjini. UNkulunkulu wadlulisa umoya phezu komhlaba, amanzi abohla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 UNkulunkulu wamkhumbula uNowa nazo zonke izilwane ezazinaye emkhunjini, ezifuywayo nezasendle. Wayesethumela umoya wavunguza phezu komhlaba, amanzi aya ngokuya ebohla.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 UNkulunkulu wamkhumbula uNowa, nezilwane zonke, nezinkomo zonke ezazinaye emkhunjini;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 8:1
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.


UNkulunkulu wamkhumbula uRaheli, uNkulunkulu wamuzwa, wavula isizalo sakhe.


nezilwane zonke eziphilayo ezinani, izinyoni, nezinkomo, nezilo zomhlaba ezinani, zonke eziphume emkhunjini, yebo, zonke izilwane zasemhlabeni.


Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungesuli izenzo zami zomusa engizenzileyo endlini kaNkulunkulu wami nasenkonzweni yayo.


Ngasho kumaLevi ukuba azihlambulule, eze, alinde amasango, angcwelise usuku lwesabatha. Ngalokho ngikhumbule, Nkulunkulu wami, ungihawukele ngokobuningi bomusa wakho.


Bakhumbule, Nkulunkulu wami, ngokuba bangcolisile ubupristi nesivumelwano sabapristi nesamaLevi.


nomnikelo wezinkuni ngezikhathi ezinqunyiweyo, nolibo. Ngikhumbule, Nkulunkulu wami, kube kuhle kimi.


Bheka, uyavimba amanzi, ashe; uyawathumela agumbuqele umhlaba.


Sengathi ungangifihla endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule.


Ngokuba wakhumbula izwi lakhe elingcwele no-Abrahama inceku yakhe.


Ngikhumbule, Jehova, ngomusa onawo kubantu bakho, ungihambele ngensindiso yakho,


UJehova usikhumbulile; uyakubusisa, abusise indlu ka-Israyeli, abusise indlu ka-Aroni.


Jehova, mkhumbulele uDavide zonke izinhlupheko zakhe


owasikhumbula sisephansi, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


UJehova wayehlezi ebusa phezu kukazamcolo; uJehova uhlezi eyinkosi kuze kube phakade.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.


Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; baminzisa okomthofu emanzini anamandla.


UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo; uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.


Umoya wasenyakatho uyaletha imvula, nolimi olunyenyayo ubuso obuthukutheleyo.


oshoyo kuwo umsinga ukuthi: ‘Yisha, ngiyakomisa imifula yakho;’


Makufike ukusha phezu kwamanzi alo, aze ome, ngokuba yizwe elinezithombe ezibaziweyo, bahlanya ngemifanekiso yabo.


UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.


mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”


Uyakhuza ulwandle, alomise, ashise nemifula yonke; iBashani liyawuma kanye neKarmeli, nezimbali zaseLebanoni ziyabuna.


Jehova, ngizwile umbiko ngawe, ngiyesaba izenzo zakho; zivuselele phakathi kwale minyaka, wenze ukuba zaziwe kule minyaka, ukhumbule umusa nasolakeni.


Bayakudabula elwandle lokuhlupheka, kushaywe amaza olwandle, nezintwa zonke zeNayile ziyakoma, kwehliswe ukuziphakamisa kwe-Asiriya, isuke intonga yaseGibithe.


Nxa niphuma impi ezweni lakini ukuyokulwa nesitha esinicindezelayo, khona niyakuhlaba umkhosi ngamacilongo, nikhumbuleke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu, nisindiswe ezitheni zenu.


Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Uyishayeleni imbongolo yakho kathathu na? Bheka, ngiphumele ukumelana nawe, ngokuba indlela yakho iyingozi phambi kwami;


Umuzi omkhulu waba yizinqamu ezintathu, nemizi yabezizwe yawa. NeBabiloni elikhulu lakhunjulwa phambi kukaNkulunkulu ukuba alinike isitsha sewayini lolaka lwakhe oluvuthayo.


ngokuba izono zalo zifinyelele ezulwini, noNkulunkulu wakhumbula ukungalungi kwalo.


Bavuka ekuseni kakhulu, bakhuleka phambi kukaJehova, babuya, bafika endlini yabo eRama; u-Elkana wamazi uHana umkakhe, uJehova wamkhumbula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ