Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 7:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngiyakunisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, ngichithe ebusweni bomhlaba konke okuphilayo engikwenzileyo.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngokuba emva kwezinsuku eziyisikhombisa ngizodedela imvula, ine emhlabeni izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ngibhubhise konke okuphilayo engikudalileyo emhlabeni.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Bese nginisa imvula emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane; futhi zonke izinto eziphilayo engizenzile ngizozibhubhisa emhlabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 7:4
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi.


UNkulunkulu wathi kuNowa: “Ukuphela kwenyama yonke kufikile phambi kwami, ngokuba umhlaba ugcwele ubudlwangudlwangu ngenxa yabantu; bheka, ngiyakubachitha kanye nomhlaba.


Mina, bheka, mina ngizakuzisa uzamcolo wamanzi emhlabeni ukuba achithe yonke inyama okukuyo umoya wokuphila phansi kwezulu; konke okusemhlabeni kuzakufa.


Wayesethi uJehova: “UMoya wami awuyikubusa njalo kumuntu, njengokuba eyinyama nje; izinsuku zakhe ziyakuba yiminyaka eyikhulu namashumi amabili.”


UJehova wathi: “Abantu engibadalileyo ngizakubachitha ebusweni bomhlaba, yebo, abantu, nezinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezinyoni zezulu, ngokuba ngiyazisola ukuthi ngibenzile.”


Kwathi emva kwezinsuku eziyisikhombisa amanzi kazamcolo afika emhlabeni;


Lana emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Kwaba nguzamcolo emhlabeni izinsuku ezingamashumi amane; amanzi anda, aphakamisa umkhumbi; waphakama phezu komhlaba.


nakuzo izinyoni zezulu ngasikhombisa, iduna nensikazi, ukuba kulondolozwe inzalo emhlabeni wonke.


Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; waphinda walithuma ujuba emkhunjini.


Wabuye wahlala izinsuku eziyisikhombisa; walithuma ijuba; alabe lisabuyela kuye.


Imithombo yotwa namafasitele asezulwini kwavinjwa, imvula yasezulwini yaphela.


Yizo ezahlwitha kungakabi yisikhathi, ezisisekelo sazo sathululwa njengomfula,


Lapho emisela umoya ukusinda kwawo, elinganisa amanzi ngezilinganiso,


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukuxosha ebusweni bomhlaba, ufe nonyaka, ngokuba ukhulume ukuhlubuka kuJehova.’ ”


“Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.


Onqobayo uyakwembathiswa kanjalo izingubo ezimhlophe, negama lakhe angisoze ngalesula encwadini yokuphila, negama lakhe ngiyakulivuma phambi kukaBaba naphambi kwezingelosi zakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ