Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 6:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Umhlaba wawonakele ebusweni bukaJehova; umhlaba wagcwala ubudlwangudlwangu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Umhlaba wase wonakele kakhulu phambi kukaNkulunkulu, ugcwele ubudlova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Umhlaba wawonakele phambi kukaNkulunkulu, futhi umhlaba wawugcwele ubudlwangudlwangu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 6:11
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayeyiphisi elinamandla ebusweni bukaJehova; ngalokho kuthiwa: “Iphisi elinamandla njengoNimrode ebusweni bukaJehova.”


Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.


UNowa wazala amadodana amathathu: ngoShemi, noHamu, noJafete.


UJehova wathi kuNowa: “Ngena emkhunjini, wena nendlu yakho yonke, ngokuba ngikubonile wena ukuthi uqotho phambi kwami kulesi sizukulwane.


ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile, wazithoba phambi kukaNkulunkulu ekuzweni kwakho amazwi akhe ngale ndawo nangabakhileyo kuyo, yebo, wazithoba phambi kwami, waziklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova.


UJehova uyamhlola olungileyo; kepha omubi nothanda ubudlwangudlwangu umphefumulo wakhe uyamzonda.


Umuntu wamanga makangamiswa emhlabeni; ububi mabuzingele umuntu oyisidlwangudlwangu, abhujiswe.


Bachithe, Nkosi, uphambanise ulimi lwabo, ngokuba ngibonile ubudlwangudlwangu nokuxabana emzini.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;


Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho, nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho, kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso, namasango akho ngokuthi iNdumiso.


Njengomthombo umpompoza amanzi awo, kanjalo umpompoza ububi bawo; ubudlova nokubhubhisa kuzwakele phakathi kwawo; ukugula namanxeba kukhona phambi kwami njalo.


Ngobuningi bokuthenga kwakho wagcwaliswa ngobudlova, wonile; ngalokho ngakulahla ungcolile entabeni kaNkulunkulu, ngakuchitha wena kherubi* elisibekelayo, ungabikho phakathi kwamatshe omlilo.


Wathi kimi: “Uyakubona lokhu wena ndodana yomuntu na? Kuyinto elula kuyo indlu yakwaJuda ukwenza izinengiso abazenzayo lapho na? Ngokuba sebeligcwalisile izwe ngobudlova, babuye bangicunula. Bhekani, babeka amagatsha emakhaleni abo.


Ngiyakukuncenga kuze kube nini, Jehova, ungezwa, ngikhala ngendluzula, ungasindisi, na?


Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela, ukuchithwa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.


Ngokuba wena uphangile izizwe eziningi, bonke abanye abantu bayakuphanga wena, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


ngokuba akusibo abezwayo umthetho abangabalungile phambi kukaNkulunkulu, kepha abenzayo umthetho yibona abayakulungisiswa.


Kepha siyazi ukuthi lokhu okushoyo umthetho ukukhuluma kubo abasemthethweni ukuba yonke imilomo ivinjwe, izwe lonke libe necala kuNkulunkulu,


Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


Kepha kwathi ekufeni komahluleli babuyela emuva, bona kakhulu kunawoyise, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele; abayekanga izenzo zabo nendlela yabo yenkani.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ