Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 5:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Emva kokuzalwa kukaMetushela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 Esezelwe uMethusela, u-Enokhi waphila iminyaka engama-300 ehamba noNkulunkulu, waphinde wazala amadodana namadodakazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Emva kokuzalwa kukaMethusela u-Enoke wahamba noNkulunkulu iminyaka engamakhulu amathathu, wazala amadodana namadodakazi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 5:22
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


“Wathi kimi: ‘UJehova, engihambe ebusweni bakhe, uzakuthuma ingelosi yakhe nawe, aphumelelise indlela yakho; uyakuyithathela indodana yami umfazi ezihlotsheni zami nasendlini kababa.


Wambusisa uJosefa, wathi: “UNkulunkulu abahamba ebusweni bakhe obaba o-Abrahama no-Isaka, uNkulunkulu ongondlile konke ukuhamba kwami kuze kube namuhla,


U-Enoke wahamba iminyaka engamashumi ayisithupha nanhlanu, wazala uMetushela.


Zonke izinsuku zika-Enoke zaziyiminyaka engamakhulu amathathu namashumi ayisithupha nanhlanu.


U-Enoke wayehamba noNkulunkulu; kepha wayesengasekho nje, ngokuba uNkulunkulu wamthabatha.


Lokhu kuyizizukulwane zikaNowa. UNowa wayeyindoda eqotho, engenacala esizukulwaneni sakhe; uNowa wayehamba noNkulunkulu.


ukuze uJehova aqinise izwi lakhe alikhuluma ngami ngokuthi: ‘Uma abantwana bakho begcina indlela yabo ukuba bahambe phambi kwami eqinisweni ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo, awuyikuntula muntu – washo njalo – esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli.’


“Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.


Ngiyakuhamba ebusweni bukaJehova ezweni labaphilayo.


Babusisiwe bonke abamesabayo uJehova, abahamba ngezindlela zakhe.


Ngimbeke uJehova njalo phambi kwami, ngokuba ungakwesokunene sami, angiyikuzanyazanyiswa.


Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami; ngihlenge, ube nomusa kimi.


Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni nezinyawo zami ekuweni, ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu ekukhanyeni kwabaphilayo.


Ngifundise, Jehova, indlela yakho; ngiyakuhamba eqinisweni lakho; yenza inhliziyo yami iqonde ntonye, yesabe igama lakho.


UJehova wayesethi kuMose: “Bheka, ngizakuninisela isinkwa esivela ezulwini; abantu bayakuphuma, babuthe isabelo sosuku imihla ngemihla, ukuze ngibavivinye ukuthi bazakuhamba yini emthethweni wami noma qha.


Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.


Ngubani ohlakaniphile, aqonde lezi zinto; ngubani onomqondo, azazi, na? Ngokuba izindlela zikaJehova zilungile; abalungileyo bayakuhamba ngazo, kepha abaphambukayo bayakukhubeka ngazo.


Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami.


Kuhamba ababili kanyekanye, uma bengavumelananga, na?


Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Ukutshelile, muntu, okuhle; uJehova ufunani kuwe, kungabi ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?


Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.


Babelungile bobabili phambi kukaNkulunkulu behamba ngayo yonke imiyalo nezimiso zeNkosi, bengasoleki.


Njalo-ke ibandla laba nokuthula kulo lonke laseJudiya, naseGalile, naseSamariya, lakheka, lihamba ekwesabeni iNkosi, landa ngenduduzo kaMoya oNgcwele.


Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKristu Jesu.


Kuphela nje ukuba yilowo nalowo ahambe njengokuba iNkosi imabele, kube yilowo njengokuba uNkulunkulu embizile. Ngiyala kanjalo emabandleni onke.


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo,


Niyakuhamba emva kukaJehova uNkulunkulu wenu, nimesabe, niyigcine imiyalo yakhe, nililalele izwi lakhe, nimkhonze, ninamathele kuye.


“UJehova uyakukumisa ube yisizwe esingcwele kuye njengokufunga kwakhe kuwe, uma uyigcina imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ezindleleni zakhe.


Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.


nihambe ngokufanele iNkosi, niyithokozise ngakho konke, nithela izithelo emisebenzini yonke elungileyo, nikhula ekumazini uNkulunkulu,


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


siniyala, sinimisa isibindi, sifakazela ukuba nihambe ngokufaneleyo phambi kukaNkulunkulu onibizela embusweni nasebukhosini bakhe.


Elokugcina-ke, bazalwane, siyaninxusa, siyaniyala ngeNkosi uJesu ukuba njengalokho nakwamukela kithi ukuthi nifanele ukuhamba nokumthokozisa kanjani uNkulunkulu, njengalokho nihamba kanjalo, manivame kakhulu kulokho.


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ