Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 47:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu, izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu, nokudla kwenu nokwabendlu yenu, nokudla kwezingane zenu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Kuyakuthi lapho senivunile, uFaro nimnike ingxenye yesihlanu, izingxenye ezine zibe yimbewu yamasimu enu, nokudla kwenu, nokwabendlu yenu, nabantwana benu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Esakhiweni niyonika uFaro okwesihlanu, futhi izingxenye ezine ziyoba zenu njengembewu yensimu nokudla kwenu nokwabendlu yenu nokudla kwabancane benu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 47:24
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izitha zakho esandleni sakho.” U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.


Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: “Ngiphe abantu, uzithathele impahla.”


naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”


Makenze njalo uFaro, abeke ababonisi phezu kwezwe, bahlukanise okwesihlanu kwezwe laseGibithe ngeminyaka eyisikhombisa yenala.


UJosefa wayesethi kubantu: “Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu; nansi imbewu yenu, nize nihlwanyele emhlabathini.


Base bethi: “Usisindisile; masifumane umusa emehlweni enkosi, sibe yizinceku zikaFaro.”


Umuntu omuhle nguye onomusa, otshelekayo, esekela izindaba zakhe ngokulunga.


Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi.


“ ‘Nokweshumi konke kwezwe, okwembewu yezwe noma okwezithelo zemithi, kungokukaJehova; kungcwele kuJehova.


Konke okweshumi kwezinkomo noma okwezimvu, zonke ezidlula phansi kwentonga, okweshumi kuyakuba ngcwele kuJehova.


“Bhekani, ngibanikile abantwana bakwaLevi konke okweshumi kwa-Israyeli, kube yifa labo, ngomsebenzi abawusebenzayo, inkonzo yetende lokuhlangana.


“Uyakunikela ngokweshumi kwazo zonke izithelo zembewu yakho, lokho okuvela ensimini iminyaka ngeminyaka,


“Lapho uqedile ukuthatha okweshumi kwezithelo zakho ngomnyaka wesithathu ongumnyaka wokweshumi, usumnike uLevi khona, nomfokazi, nentandane, nomfelokazi ukuba badle phakathi kwamasango akho, basuthe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ