Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UGenesise 47:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamesesi, njengalokho uFaro ebayalile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabanika indawo eGibhithe, indawo enhle kakhulu eRamesesi njengoba uFaro ayebayalile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UJosefa wayesebamisa uyise nabafowabo, wabanika indawo ezweni laseGibithe, endaweni enhle kunazo zonke yezwe, ezweni laseRamesesi, njengokuyala kukaFaro.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UGenesise 47:11
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”


U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.


izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”


Kwase kubekwa phezu kwabo izinduna zokubasebenzisa ezabahlupha ngemithwalo yazo. Bamakhela uFaro imizi yokubekelela, iPitomu neRamesesi.


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.


Bayakuphanyeka phezu kwakhe lonke udumo lwendlu kayise, inzalo nabantwana, zonke izitsha ezincane, imicengezi nezinkamba.


Basuka eRamesesi ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yokuqala; ngolwangakusasa emva kwephasika abantwana bakwa-Israyeli baphuma ngesandla esiphakemeyo emehlweni abo bonke abaseGibithe,


Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.


ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami.


Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye.


njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bona nabo babe khona nami lapha ngikhona, ukuze babone inkazimulo yami ongiphe yona; ngokuba wangithanda, kungakasekelwa izwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ